03/09/2026
UMEYA WETHULE NGOKUSEMTHETHWENI IHHOLO LOMPHAKATHI LASEGLENMAZE
IMeya kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma, uKhansela Sindisiwe “Majobe” Msomi, wethule ngokusemthethweni umceceke wehholo lomphakathi laseGlenmaze, ngaphansi kukaWadi 14.
UMeya ubehambisana neSekela Meya, uKhansela Kholeka Hadebe, uKhansela W. Mtolo kanye noKhansela Basil Ntshiza.
Indawo yaseGlenmaze ibisihlale isikhathi eside ingenalo ihholo lomphakathi, nokuyinto ebiyinselelo enkulu kubahlali bendawo.
Nokho, namuhla bekugcwele injabulo kubahlali njengoba sebethole ingqalasizinda ebalulekile ezosetshenziswa ukwenza imihlangano, imicimbi kanye neminye imisebenzi ebalulekile yomphakathi.
Amalungu omphakathi abebambe iqhaza futhi esebenza ngesikhathi kwakhiwa leli hholo nawo ahlomulisiwe ngezitifiketi zokubonga umsebenzi wawo, ukuzinikela kanye negalelo elikhulu alibambile ekwakhiweni kwale ngqalasizinda yomphakathi.
Ukuvulwa kwaleli hholo kuwubufakazi bokuzibophezela kukaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma ekuqhubekeni nokuletha ingqalasizinda edingekayo kanye nokuthuthukisa izimpilo zemiphakathi.
Ngokubambisana sakha imiphakathi engcono.