Jozini Local Municipality KZ 272

Jozini Local Municipality KZ 272 Instant updates and full scale publicity for Jozini Local Municipality in KwaZulu Natal, South Africa

[ ISEXWAYISO]: INGOZI YOMGWAQO EJIKENI LOMGWAQO WASEMAVELAUma uzodlula emgwaqeni laphana eMavela ejikeni.....uqaphele se...
22/05/2025

[ ISEXWAYISO]:

INGOZI YOMGWAQO EJIKENI LOMGWAQO WASEMAVELA

Uma uzodlula emgwaqeni laphana eMavela ejikeni.....uqaphele sekubenengozi ebandakanya iloli lezingodo eseliwele emgwaqeni. Liwe lagamanxela kuyo yomibili imigwaqo, kwachithekela nezingodo emgwaqeni.

Umgwaqo usavalekile okwamanje, akuhambeki. Kodwa abezinhlekelele kuMasiapala waseJozini sebekhona ukuzolekelela nokubuyisela isimo esimeni......Uqaphele uma uzohamba kulomgwaqo.

UMASIPALA WASEJOZINI WETHULA ITHUBA KUMPHAKATHI WASEJOZINI UKUBA  UZOBUYEKEZA USOMQULO WENTUTHUKO EDIDIYELWE KANYE NOKUH...
21/05/2025

UMASIPALA WASEJOZINI WETHULA ITHUBA KUMPHAKATHI WASEJOZINI UKUBA UZOBUYEKEZA USOMQULO WENTUTHUKO EDIDIYELWE KANYE NOKUHLAHLA ISABELOMALI SONYAKA KA-2025/26.

UMasipala waseJozini ngokuholwa uMhlonishwa uMeya uNkosinathi Myeni ngokubambisana nawowonke amaKhansela aseJozini.

Umema bonke abahlali abasuka emawadini aseJozini ukuba bezothamela umhlangano lapho kuzobe kuzobuyekezwa khona izicelo kanye nezimvo zabo ezikosomqulu wentuthutho edididiyelwe, nokuhlahla isabelomali sikaMasipala waseJozini (2024/26 IDP & Budget Consultative Meeting).

Lomhlangano uhleleke kanje;

USUKU: 26 May 2025 ( ngoMsombuluko).
INDAWO: Msiyane Community Hall, Ward 08.
ISIKHATHI: 09h00 eKuseni.

Mayelana nezinhlelo zezokuthutha, ungaxhumana noMhlonishwa uKhansela wangakini.

[ MEET NEW EXCO MEMBER]: ▪︎The Chairperson of the Portfolio Committee; Planning, Human Settlements, & Economic Developme...
17/05/2025

[ MEET NEW EXCO MEMBER]:

▪︎The Chairperson of the Portfolio Committee; Planning, Human Settlements, & Economic Development.

UMkhandlu waseJozini ube usuqokela uMama uMhlonishwa uZanele Monica Mthembu esigungwini esiphezulu samaKhansela aseJozini ( Executive Committee).

Uphathiswe uMnyango wakwa-Planning, Human Settlements, & Economic Development womkhandlu waseJozini, lapho ezobe esebenza njengoSihlalo waleliKomiti.

Simfisela inhlahla nezilokotho ezinhle, kwanjengoba esethenjwe ngaloMnyango kuMasipala waseJozini ze kusondele izidingo kanye nentuthuko kubantu bakithi.

[ UMBUKISO WEZITHOMBE ]: UMKHANDLU WASEJOZINI UQOKA UMEYA OMUSHA.Siyixoxa ngezithombe lapho uMkhandlu waseJozini ngokwes...
17/05/2025

[ UMBUKISO WEZITHOMBE ]: UMKHANDLU WASEJOZINI UQOKA UMEYA OMUSHA.

Siyixoxa ngezithombe lapho uMkhandlu waseJozini ngokwesigungu samaKhansela ubukade uhlezi, uhlalele ukuzoqoka uMeya omusha emva kokwesula kukaKhansela uMfanaNaye Mathe njengoMeya waseJozini.

Kuqale kwaba neziphakamiso ezimbili ezivela ezandleni zamaKhansela aseJozini ngalowo okufanele abe uMeya omusha woMkhandlu. Kuphakanyiswe amagama abahlonishwa ababili;

1. UMhlonishwa uKhansela uNkosinathi Myeni, oyiKhansela kulomkhandlu ngokuthunywa iqembu leNkatha ( IFP ).

2. Kwaphinde kwaphakanyiswa uMhlonishwa uKhansela uMandla Ndlela oyiKhansela kulomkhandlu ngokuthunywa iqembu likaKhongolose ( ANC ).

Kube sekuqala uhlelo lokuba amakhansela aseJozini avotele loyo okufanele abe nguMeya womkhandlu waseJozini. Kuyilapho kuvele odle umhlanganiso kwaba uMhlonishwa uNkosinathi Myeni wathola amavoti amaningi, ukwedlula uMhlonishwa uNdlela. Ngokusemthethweni uMhlonishwa uNkosinathi Myeni ( IFP )...ube esemenyezelwa njengoMeya omusha woMkhandlu waseJozini.

Sithi Halala kuMhlonishwa uMeya uNkosinathi Myeni ngokwethenjwa ukuba azofukula izimpilo zabantu baseJozini, nokuletha intuthuko kubo.

UMASIPALA WASEJOZINI UMEMEZELA UMEYA OMUSHAUMasipala waseJozini udlulisa isimemezelo kubobonke abantu basekuhlaleni base...
16/05/2025

UMASIPALA WASEJOZINI UMEMEZELA UMEYA OMUSHA

UMasipala waseJozini udlulisa isimemezelo kubobonke abantu basekuhlaleni baseJozini kanye namaphethelo.

UMhlonishwa uKhansela uNkosinathi Myeni useqokwe isigungu somkhandlu waseJozini njengoMeya omusha, lokhu kuza emva kokuba uMhlonishwa uMfanaNaye Mathe efake incwadi yokwesula njengoMeya waseJozini.

Sihalalisela uMeya omusha uMhlonishwa uNkosinathi Myeni izilokotho ezinhle nokumfisela inhlahla, kwanjengoba namuhla eqala uhambo olusha lokubhekelela bonke abantu baseJozini ngokwezidingo zabo, nokuletha intuthuko kubo.

Follow the Official page of Jozini Local Municipality KZ 272 for instant updates and full-scale publicity of ou...
15/05/2025

Follow the Official page of Jozini Local Municipality KZ 272 for instant updates and full-scale publicity of our municipal programmes and activities.

Amongst other things, you as the community members will get an opportunity to engage and interact directly with our municipal content, hence maximising Public Participation.

It is the social media platform that will enable TWO-WAY COMMUNICATION, allowing you as community members to exchange information with the municipality, to submit your ideas to the municipality, register your complaints if there is any, and also ask for clarity.

The municipality will give real-time feedback and quick responses to you as the Public, and also facilitate the sharing of information and ideas among all residents, organizations, and other municipal stakeholders.

[ LINK]: Follow the Link;
https://www.facebook.com/share/1978fqeMyS/

15/05/2025

UMasipala waseJozini uyaqhubeka nokuhlinzeka izidingongqangi kubantu bakithi. Namuhla uhambele ilokishi laseMlingo ku-Ward 20 eMkuze, lapho uyokhuculula khona imfucuza kulendawo.

UMeya Wabantu kuMasipala waseJozini uMhlonishwa uMfanaNaye Mathe ufisela bonke abasebenzi kuZwelonke usuku oluhle.
01/05/2025

UMeya Wabantu kuMasipala waseJozini uMhlonishwa uMfanaNaye Mathe ufisela bonke abasebenzi kuZwelonke usuku oluhle.

YEAR: 2023.SIVEZA IMISEBENZI  YENTUTHUKO (SERVICE DELIVERY ACHIEVEMENTS)....ESIYENZIWE UMHLONISHWA UMEYA WASEJOZINI KUSU...
30/04/2025

YEAR: 2023.

SIVEZA IMISEBENZI YENTUTHUKO (SERVICE DELIVERY ACHIEVEMENTS)....ESIYENZIWE UMHLONISHWA UMEYA WASEJOZINI KUSUKA ENGENA NGONYAKA KA-2021 KUZE KUBE MANJE 2025.

Sibheka emuva.....ukubuyekeza imisebenzi emihle yokuletha intuthuko kubantu esiyenziwe uMhlonishwa uMeya Wabantu uMfanaNaye Mathe kuMasipala waseJozini. Kusukela engena ngonyaka ka-2021....kuze kubemanje unyaka ka-2025.

[ UNYAKA WESIBILI]: Ake sibuke nansi intuthuko elethwe uMeya eJozini ngonyaka ka-2023.

19/04/2025

UKUBUNGAZA IPHASIKA UMEYA WABANTU UMFANANAYE MATHE UHAMBELE INQUNQUTHELA YENKONZO LEBANDLA ( ZION CHURCH OF CHRIST MISSION )

Kulezinkonzo ezithe chithisaka zePhasika uMeya Wabantu uMfanaNaye Maye uhambele inqunquthela yebandla ' Zion Church Of Christ Mission' endaweni yaseNdabeni ku-Ward 22 eJozini.

Ufike kulelibandla wenza umnikelo wePhasika, wanikeza nentshumayelo kubazalwane ababegcwele bechichima kwanjengoba bekuhlangene wonke amabandla e-Church of Christ Mission asuka esifundazweni.

17/04/2025

UMPHAKATHI MAWUHLALE UQAPHILE IDAMU LASEJOZINI LIVULELWA NGAMANDLA KULOKHU, KWANJENGOBA SELIGCWELE NGOKWEQILE KAKHULU.

UMhlonishwa uMeya kuMasipala waseJozini uMfanaNaye Mathe ngokwexwayiswa aboMnyango weZamanzi udlulisa isimemezelo kumphakathai waseJozini nonkana, ikakhulukazi labo abakhele umfula weJozini Dam noma Pongolapoort River.

Idamu laseJozini livulelwa ngamandla kwanjengoba seligcwele ngokweqile, livulelwe wonke amagede okuchitha amanzi......lokhu kungadala izikhukhula ezindaweni azakhele lapho kugeleza khona umfula waseJozini.

NB: Bakwethu ukuvulwela kwedamu, akulawulwa uMasipala waseJozini kodwa uMnyango weZamanzi (Department of Water Affairs) yibo abavulela idamu ngesikhathi bona abafisa ngaso.

Mayelana nezinhlekelele ezingavela singathinta uMnyango WeziNhlekelele esinawo ngaphakathi kuMasipala eJozini kulenombolo Mrs Gumede- 071 351 8083 noma 066 299 1076.

Address

Circle Street, Bottom Town
Jozini
3965

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Jozini Local Municipality KZ 272 posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Jozini Local Municipality KZ 272:

Share