15/02/2026
Izolo iqembu leIFP kuWard08 livakashele Ezintabeni ngaphansi kobuholi buka sihlalo uMlele.
Usihlalo was'Embizeni branch uCde uThusi nosihlalo waseNcwaba branch uCde uMkhulise ngokubambisana bafike banikela ngocingo lokubiya enduneni ubaba uHlubi.
Lolucingo oluzobiya ingadi yomphakathi lapho uzozilimela khona izitshalo njengama veggie.
Induna yendawo ibonge kakhulu uboholi beqembu leNkatha,nekhuthaze kakhulu ukuthi ukusebenzela abantu bengakuyeki njengalokhu Umtwana wakwaPhindangene kwakuyivesi ayelishumayela njalo emphakathini.