Mfo ka Mkhonza

  • Home
  • Mfo ka Mkhonza

Mfo ka Mkhonza Private Social worker, Simple politics & Podcast Counseling Social Worker. I'm practising privately as a general practitioner.

26/08/2026

I got over 100 reactions on one of my posts last week! Thanks everyone for your support! 🎉

25/08/2026

Sanibonani

Masosha kaNxamalala, nangu umlayezo obalulekile ovela ku President Zuma:

22/08/2026

BoBaba nangu Umlayezo wenu

Labafana abancane bayanidinga kakhulu empilweni yabo. Ukukhuliswa kwabo umama nogogo kubancisha iskhathi sokubhonda nani bobaba. Iyona age group le eniyibona la okfanele ingene kulama programme ethu, sibagobe besebancane kanje.

Into engiyiphawulayo ukuthi iningi labafana abancane abangena ku crime nabahluphayo emphakathini usuke engekho ubaba empilweni yabo. Ingane yomfana ekhula ngaphansi kukababa ohlala nayo ivama ukuhluka kakhulu kuleyo ehlala nomama noma nogogo kuphela.

Sondelani kakhulu bobaba kubantwana benu. Ningabalahleli kubomama nabogogo. Banikeni uthando, nibakhulise ngomthetho wenu ovela directly kini, hhayi umthetho eniwuthumela kulabantwana nisebenzisa abomama nabogogo.

Kuyavalwa njalo ngey 28 August 2026 ukuthatha abafana esizosebenza nabo for 3 months. Elinye ithuba siyoze silivule again ngey 1 December 2026.

Sithinteni ku: 068 137 0283
Ngyabonga

isematholeni

20/08/2026

😃😀

20/08/2026

Namantombazane Siyawasiza bakithi

Sanibonani mphakathi waseMkhondo. Kukhona abalokhu bengibuza ukuthi sisiza abafana kuphela yini. Impendulo ithi sisiza bonke abantwana. Namantombazane siyawasiza. Uma ungayibhekisisa kahle le post yokusiza abafana, iyacacisa ukuthi senza a SPECIAL PROGRAMME FOR abafana ezothatha u 3 months. Kunenhloso esinayo ngale programme ukuze sinike abafana i chance yokukhipha okusenhliziyweni nasengqondweni yabo. Kulo 3 months sifuna ukuzinikela sibasize bese sibheka ukuthi lukhona yini ushintsho esizolubona after lo 3 months(September, October and November 2026).

Uma unomntwana wentombazane omfunela usizo, naye ungamletha. Kodwa ngeke simfake kule programme yalabafana. Sizomsiza ngendlela esizomsiza ngayo. Sithinte ku whatsap or usifonele ku 068 137 0283.

Siyabonga

Isimemezelo esiphuthumayo esiya kubazali babantwana abangabafanaRe: SPECIAL PROGRAMME FOR BOYS EMKHONDO Sanibonani bazal...
19/08/2026

Isimemezelo esiphuthumayo esiya kubazali babantwana abangabafana

Re: SPECIAL PROGRAMME FOR BOYS EMKHONDO

Sanibonani bazali

Ngicabanga ukuthi iningi lenu seliyangazi kanjalo nomsebenzi engiwenzayo emphakathini. Nginesimemezelo esiphuthumayo la. Bengilokhu ngenza ucwaningo(RESEARCH)ngabantwana abangabafana elokshini eMkhondo nasezindaweni ezakhele idolobha laseMkhondo. Ngitholile ukuthi iningi labo libhekene nengcindezi enkulu egcina ibenza bathathe izinqumo ezingahambisani nomthetho ezehlukahlukene. Abanye bangena kuma groups babheme, benze ubugebengu, njalonjalo. Hhay ngoba bengabantu ababi, kodwa ukuze bathole i support kwabanye abasesimeni esicishe sifane nesabo. Ngeke uba andastende uma ungenzanga locwaningo engilwenzile ngisebenzisa ulwazi lwami engiluthole ku Sociology naku social work theories of understanding i behavior yabantwana. Seyikhona i solution, ngiyaniqinisekisa bazali.

From ngey 1 September, ngizobe ngivakashela bonke abantwana abangabafana between age 10 and 25 ngokuhlukana kwabo ngizoxoxa nabo deep ngesimo ababhekene naso ekhaya, eskolweni nasemphakathini esibacindezelayo bagcine bengatholanga umuntu ozobalalela abanike ne advice e right ngempilo ukuze ba e ne future, bangagcini besejele bengasaqhubekanga nanemfundo. Ngizobabona ngamunye ngiphinde ngibabone bengama groups. Konke lokhu ngine experience yakho and ngakufundela e University. Bakhona ozakwethu engizobe ngisizana nabo.

Uma ungumfana noma ungumzali onomfana oneminyaka e between 10 and 25 ofisa abe yingxenye yale programme engizoyiqala ngey 1 September 2026, bhalisa lomfana wakho manje, kuzovalwa ngey 28 August 2026. Ngizobabona for a period of 3 months ogcwele bese sibuka ushintsho oluzobe lukhona empilweni yabo.

Ngizobavakashela emakhaya, eskolweni, etohweni nalapho bedlala khona ama sports benza no music uma bengama artists, njalo njalo, ngibheke yonke impilo yabo ngenjongo yokubasiza babuke impilo ngendlela ehlukile.

Ukurejista kubiza u R100 manje till 28 August bese siqala ke ngey 1 September. Ngey 30 September again ukhokha omunye u R100 bese uphinde ukhokha okokugcina ngey 30 October. Sizolokhu sikugadele nje umfana wakho simupha izeluleleko. Ngey 1 December 2026 sizobe sesibuka kanye nabo ukuthi yini esishintshile empilweni yabo. Bazobese bathola istifiketi sokuthi bayiqedile le programme ka 3 months ngempumelelo. Leso stifikethi sesiyoba yi part ye CV yabo abangafuna ngaso umsebenzi, sibakhulumele ukuthi babuya ku programme ye Social worker u Mfo ka Mkhonza.

Abanye already bakhona kule programme. Sayqala kudala nabo. Ishintshile impilo yabo manje. Abanye base befuna nokuzibulala, befuna nokuyeka iskole. Sabasiza banqoba leyo micabango.

Ningangitjinta nirejiste kulenombolo: 068 137 0283

Siyabonga

15/08/2026

Sanibonani Mphakathi

Singama Social workers sisemkhankasweni wokuvakashela izikole elokshini eMkhondo. Sithola izinkinga eziningi othisha abahekene nazo ngabafundi. Abantwana bayeqa bayobhema ngeskhathi sekole. Abanye bayalova ngoba besaba ukuhlaselwa ngabanye abantwana. Abanye bafika late, basale ezifundweni. Kuningi nje.

Iningi lalabantwana esibathola beneynkinga zokuziphatha BAKHULISWA NGABANTU BESIFAZANE BODWA. OBABA ABEKHO.

Uyakhula ke umkhankaso wethu. Inkinga esinayo, sishoda ngama resources okusebenza. Asinayo i laptop esizoyisebenzisa, asinayo imali yokuphrinta ama manual nama registers esizowasebenzisa, asinawo u petrol wokwetha imoto uma siya ezikolweni sivakashela nasemakhaya alabantwana. Sidinga uxhaso nama donations.

Uma unalo usizo sicela usithinte kulama details alandelayo:

Calls and WhatsApp: 068 137 0283 or 073 4256 087

Email address: [email protected]

Siyabonga

Address

10587, Mangosuthu Village

2380

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mfo ka Mkhonza posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Mfo ka Mkhonza:

Shortcuts

  • Want your organization to be the top-listed Government Service?

Share