Nongoma Municipality

Nongoma Municipality Follow Nongoma Local Municipality. Follow us on Twitter
Instagram

Umhlangano nabaholi nezikhulu zesicathamiya‼️UMhlonishwa uMeya uMbekezeli Emmanuel Zondo uyalele usohlalo womnyango wezo...
27/08/2026

Umhlangano nabaholi nezikhulu zesicathamiya‼️

UMhlonishwa uMeya uMbekezeli Emmanuel Zondo uyalele usohlalo womnyango wezokuthuthukiswa komphakathi Cllr TJ Ntsele ukuthi ahlangane nezikhulu nabaholi besicathamiya ukudingida indumezulu yomqhudelwano wesicathamiya usuku lakhona oluzomenyezelwa maduze.

Kulomqhudelwano wesicathamiya uMthiyane ubeke imali engu R60 000, kanti kuyobe kukhona oSwenka noNobuhle, kube isicathamiya sa local okungamaqembu asaqhudelana ngokwezinga lasemakhaya kuphinde kube open lapho ilaba asebejwayele ukuhambela izindawo beqhudelana.

Umqhudelwano uzoba se Multipurpose Hall lapho okuyobe kudela khona umakhasana.


3950 ⚽️
26/08/2026

3950 ⚽️

Congratulations to our Man of the Match!!
Nqaba Xulu 💙💙
Phakama Nongoma endaweni yase Ebuxeden esigodini saseZimendwini..

UMhlonishwa UMeya ubehlangane namagosa engoma ukulungiselela umcimbi omkhulukazi wengoma ohlelwa umkhandlu wakwaNongoma ...
26/08/2026

UMhlonishwa UMeya ubehlangane namagosa engoma ukulungiselela umcimbi omkhulukazi wengoma ohlelwa umkhandlu wakwaNongoma ozoba ngo October 2026.

Kulomhlangano kuvunyelwane ngokuthi

1. Abasina uBhaca:
Uzobanjelwa KwaDenge eward 23
Uzoba ngomhlaka 10 October 2026
Isikhathi iyoqala ngo 9:00 ekuseni
Onke amaqembu kabhaca awaphelele njengokubizwa UMhlonishwa uMeya uMthiyane‼️

2. Abasina uShemeni:
Uzobanjelwa KwaNdongande eward 07
Uzoba ngomhlaka 11 October 2026
Isikhathi iyoqala ngo 9:00 ekuseni
Onke amaqembu kaShemeni uyawabiza uMthiyane uthi awaphelele KwaNdongande‼️


[IXOXWA NGEZITHOMBE] Kuyathokozisa ukubona umphakathi uphuma ngobuningi uzokwamukela intuthuko.Umphakathi waKombuzi ewar...
25/08/2026

[IXOXWA NGEZITHOMBE]

Kuyathokozisa ukubona umphakathi uphuma ngobuningi uzokwamukela intuthuko.

Umphakathi waKombuzi eward 22 ube isibonelo esihle.


UBUPHUME NGOBUNINGI UMPHAKATHI WAKOMBUZI EZIKLELENI UKUZOZIBONELA KWETHULWA LENTUTHUKO! ‼️Umpakathi waKombuzi uphume ngo...
25/08/2026

UBUPHUME NGOBUNINGI UMPHAKATHI WAKOMBUZI EZIKLELENI UKUZOZIBONELA KWETHULWA LENTUTHUKO! ‼️

Umpakathi waKombuzi uphume ngobuningi weza eZikleleni ukuyozibonela mathupha ukwethulwa ngokusemthethweni kwephrojekthi yokwakhiwa kwebhuloho elizowela umfula uNomnqathi, elixhumanisa umphakathi waseZikleleni nezindawo ezakhelene nawo.

UMhlonishwa uMeya womkhandlu wakwaNongoma, uCllr Mbekezeli Emmanuel Zondo, wamukelwe yizinkumbi zomphakathi ngesikhathi kwethulwa usonkontileka ozokwenza lo msebenzi.

Ekhuluma nomphakathi, uMeya uZondo uthe ukwakhiwa kwaleli bhuloho kuyingxenye yomzamo wokulungisa ingqalasizinda eyonakele kanye nokubhekana nezinselelo ezithinta umphakathi. Uthe ngesikhathi ehlangana nomphakathi, wazibophezela ngokwenza umehluko nokuletha intuthuko ebonakalayo, kanti ukwakhiwa kwaleli bhuloho kungenye yezinyathelo ezibalulekile zokufeza leso sifungo.

Lo msebenzi kulindeleke ukuthi uthathe isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha (6), kanti kulindeleke ukuthi udale amathuba emisebenzi kubantu abalinganiselwa kwabayishumi (10). Iphrojekthi ibiza imali elinganiselwa ku R5.5 million.

Umcimbi ubuhanjelwe futhi yizinduna ezimbili ezimele izigodi ezakhelene nale ndawo, iNduna uMntwana wakwaNjengonina kanye neNduna uMntwana wakwaMntwana-Ubangizwe, ngaphansi kobukhosi bakwaMandlakazi.

Lokhu kungenye yezinyathelo ezikhombisa ukuzibophezela kukaMasipala ekuthuthukiseni ingqalasizinda, ekuxhumaniseni imiphakathi nasekuletheni intuthuko ebonakalayo kubantu bakwaNongoma.


USEFIKILE UMTHIYANE KOMBUZI‼️UMhlonishwa uMeya uMbekezeli Emmanuel Zondo ehambisana naMakhansela ahloniphekile omkhandlu...
25/08/2026

USEFIKILE UMTHIYANE KOMBUZI‼️

UMhlonishwa uMeya uMbekezeli Emmanuel Zondo ehambisana naMakhansela ahloniphekile omkhandlu wakwaNongoma nezinduna zomphakathi ngaphansi kobukhosi bakwaMandlakazi sebefikile emphakathini ukuzokwethula usonkontileka emphakathini ozokwakha ibridge emfuleni Nomnqathi owelela eZikleleni.


LIPHANSI IGEJA‼️Umphakathi utheleka ngobuningi ukuzobona intuthuko ngamehlo!Wozani Mphakathi waKombuzi, EZikleleni namap...
25/08/2026

LIPHANSI IGEJA‼️

Umphakathi utheleka ngobuningi ukuzobona intuthuko ngamehlo!

Wozani Mphakathi waKombuzi, EZikleleni namaphethelo, uMthiyane uzoletha okwabantu kubantu!!


UYEZA UMTHIYANE LAPHO KOMBUZI EZIKLELENI‼️Uphendula isoyi aphinde ethule sonkontileka ozokwakha Ezikleni Causeway (Bridg...
25/08/2026

UYEZA UMTHIYANE LAPHO KOMBUZI EZIKLELENI‼️

Uphendula isoyi aphinde ethule sonkontileka ozokwakha Ezikleni Causeway (Bridge) elizosiza abafundi abafunda KwaDomba High School nase Mbandleni Primary School bakwazi ukuthi bawele noma izulu belina.

Wozani Mphakathi wase ward 22🙌🏽


🌸 SIYAYA EMHLANGENI CAMP‼️ICAMP YAMATSH*TSHI AKWANONGOMA UKULUNGISELELA UMKHOSI WOMHLANGAUMhlonishwa uMeya uMbekezeli Em...
24/08/2026

🌸 SIYAYA EMHLANGENI CAMP‼️

ICAMP YAMATSH*TSHI AKWANONGOMA UKULUNGISELELA UMKHOSI WOMHLANGA

UMhlonishwa uMeya uMbekezeli Emmanuel Zondo wazisa abazali, ababheki kanye namatsh*tshi akwaNongoma nge Camp enkulu yokulungiselela Umkhosi Womhlanga, ezoba se Multipurpose Hall ngoLwesihlanu kusukela ngo 5 ntambama.

Le Camp, exhaswe uMnyango wezeMidlalo, Amaciko, Amasiko waKwaZulu-Natal, ihlose ukulungiselela nokufundisa amantombazane ngamasiko, ukuziphatha kanye nokubaluleka koMhlanga.

🌙 I-Camp izoba sebusuku bonke, kanti ekuseni amatsh*tshi azovuka alungiselele uhlelo lokuhamba eviliyela, eya eLindizwe Primary School ngo-09:00 ekuseni, lapho kuzoba khona umcimbi omkhulu wokulungiselela ukuya eMhlangeni obizwa ngoSIYAYA EMHLANGENI.

Kulolu hlelo, uMhlonishwa uMeya uZondo kanye namaKhansela ahloniphekile bazohlangana namatsh*tshi, baxoxe nawo futhi bawakhuthaze ngokubaluleka kokuzigcina beyizintombi, ukuhlonipha nokuphakamisa amasiko esizwe.

📢 Siyacela abazali, ababheki kanye namatsh*tshi uqobo ukuthi bathole imininingwane ephelele ngokuxhumana nabantu ababhalwe ku-poster.




UYEZA UMTHIYANE‼️UKUPHENDULWA KWESOYI NOKWETHULA KUKASONKONTILEKA OZOKWAKHA EZIKLELENI BRIDGE KU WARD 22…🚧 LIPHANSI IGEJ...
22/08/2026

UYEZA UMTHIYANE‼️

UKUPHENDULWA KWESOYI NOKWETHULA KUKASONKONTILEKA OZOKWAKHA EZIKLELENI BRIDGE KU WARD 22…

🚧 LIPHANSI IGEJA - Mphakathi waku ward 22 okuhlanganisa Kombuzi namaphethelo , UMhlonishwa uMeya uMbekezeli Emmanuel Zondo uyeza uzophendula isoyi aphinde ethule usonkontileka ozokwakha ibridge eliwela Ezikleleni uqhamuka ngaKostshulu naseZingcingweni.

UMhlonishwa uMeya umema Wonke umphakathi wakwa ward 22 ufike ngobuningi bawo uzoba ingxenye yokuthuthukisa uNongoma, sakha ingqalasizinda.


Address

Lot 103, Main Street
Nongoma
3950

Opening Hours

Monday 07:30 - 16:00
Tuesday 07:30 - 16:30
Wednesday 07:30 - 16:00
Thursday 07:30 - 16:30
Friday 07:30 - 15:00

Telephone

+27358317500

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Nongoma Municipality posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Nongoma Municipality:

Shortcuts

Share