23/11/2025
uma usuka eMzimhlophe ubheke eNew Canada, awuyiphathi ifoni ngoba kuyaziwa ukuthi kunabanikazi bawo abawathatha ngezibhamu, Nami uqobo ngiwufakazi futhi Nami ngiyisisulu, angikhulumi ngesgameko esisodwa ngikhuluma ngesinkwa semihla ngemihla,
anginendaba nenkunzi ngoba vele abalimazi muntu futhi abashayani, into engiphethe kabi ilezi zibhamu ezandleni zamabhobhodleyana
omunye uzobuza ukuthi kungani singabiki emaphoyiseni, amaphoyisa avele akubuze imibuzo eqeda amandla njengokuthi, wena uhambelani kuleyandawo?,