Umasipala Wasenquthu

Umasipala Wasenquthu Local news ,community information ,complains and suggestions

The purpose of the page is to provide Nquthu Municipality Service Delivery News, receive complains and suggestions.

Umkhandlu waseNquthu oholwa uSodolobha ukhansela IL Shabalala ngaphansi kwehhovisi lakwa Youth Management, namuhla liben...
03/06/2026

Umkhandlu waseNquthu oholwa uSodolobha ukhansela IL Shabalala ngaphansi kwehhovisi lakwa Youth Management, namuhla libenohlelo lokunikezela ngomfaniswano wesikole kubantwana bezikole ezingu-19,ezibuya kuwona wonke ama ward angu-19 angaphansi komaspala waseNquthu.

Umhlonishwa u mayor ubonge kakhulu othisha ngomsebenzi abawenzayo, wokuphatha abantwana ezikhungweni zemfundo kusukela kumabanga aphansi.

Inhloso yaloluhlelo ukuzama ukulekelela izingane ezibuya kumakhaya adingayo ukuze nazo zizokwazi ukuthi zizizwe zifana nazo zonke izingane ezikoleni . Ziphinde zisizakale ukuphepha emakhazeni njengoba sekubanda nje.

Lomfaniswane kusuke kuzicathulo , amasokisi , ishethi ,ibhulukwe, uniform( kungaba ilokwe noma isketi) , ijezi kanye no thayi

Lomsebenzi wenzelwe ezindlini zomkhandlu, e Nquthu Council Chamber. Izikole ezihlomulile ilezi ezilandelayo:

1. Hlelele Primary
2. ⁠Klwayisi Primary
3. ⁠Shekelela Primary
4. ⁠Scelimfundo Combined
5. ⁠Bhekisizwe Secondary
6. ⁠Ithaka Primary
7. ⁠Mgidla Secondary
8. ⁠Vezinhlahla Primary
9. ⁠Cassino Primary
10. ⁠Ntanyandlovu Primary
11. ⁠Mbewunye Primary
12. ⁠Mampunga Primary
13. ⁠KwaNgedla Primary
14. ⁠Phumlani Secondary
15. ⁠Ncome Primary
16. KwaDophi Primary
17. ⁠Inkosi Thathezakhe Special School
18. ⁠Lindokuhle Primary
19. ⁠Ndlangamandla Secondary

Loluhle lwenziwa minyaka yonke lapho kuhlomula khona izikole ezahlukahlukene ngonyaka kuwona wonke amawadi.

Idluliselwe  ngokusemthethweni indlu  yakwaBhengu kwa Ward 16, eZinkwalini, eMkhonjane. Umhlonishwa IL Shabalala ubonele...
02/06/2026

Idluliselwe ngokusemthethweni indlu yakwaBhengu kwa Ward 16, eZinkwalini, eMkhonjane.

Umhlonishwa IL Shabalala ubonelele nge furniture yasendlini kanye nezingubo zokulala, ngesikhathi enikezela ngokusemthethweni indlu emndenini wakwaBhengu eyakhiwe umnyango wakwa Human Settlement.

UMnu Bhengu ongubaba walelikhaya akasekho emhlabeni kodwa kuqinisekisiwe ukuthi abantwana bakhe basala emzini ofudumele.

Ngolwesithathu lomhlaka 03 June umkhandlu waseNquthu oholwa uSodolobha ukhansela IL Shabalala uzobe udlulisela umfaniswa...
31/05/2026

Ngolwesithathu lomhlaka 03 June umkhandlu waseNquthu oholwa uSodolobha ukhansela IL Shabalala uzobe udlulisela umfaniswano wesikole ezikolweni ezingu 19 ezibuya kuwona onke ama wadi aseNquthu.

Umkhandlu waseNquthu oholwa uSodolobha ukhansela IL Shabalala uzovula indlu eZinkwalini eMkh9njane kwa ward 16.
30/05/2026

Umkhandlu waseNquthu oholwa uSodolobha ukhansela IL Shabalala uzovula indlu eZinkwalini eMkh9njane kwa ward 16.

Amazwibela e Clean up Campaign ebikade yenziwe ihhovisi lakwa LED ngaphansi komnyango wakwa Planning , Waste Management ...
29/05/2026

Amazwibela e Clean up Campaign ebikade yenziwe ihhovisi lakwa LED ngaphansi komnyango wakwa Planning , Waste Management ngaphansi komnyango wakwa Technical Services kanye nama EPWP ngaphansi koMkhandlu waseNquthu.

Kusasa uMkhandlu waseNquthu oholwa uSodolobha ukhansela IL Shabalala uzokuba ne Council lapho kuzobe kwenziwa I Tabling ...
27/05/2026

Kusasa uMkhandlu waseNquthu oholwa uSodolobha ukhansela IL Shabalala uzokuba ne Council lapho kuzobe kwenziwa I Tabling of Final Budget ka 2026/27.

Uhambe kahle umhlangano phakathi komkhandlu naMaKhosi kanye nabadidiyela abaqokwa aMaKhosi ezindaweni zawo .Lomhlangano ...
26/05/2026

Uhambe kahle umhlangano phakathi komkhandlu naMaKhosi kanye nabadidiyela abaqokwa aMaKhosi ezindaweni zawo .

Lomhlangano bekuzothulwa uhlelo lukasomqulu wentuthuko edidiyelwe kanye nohlahlo zimali lika 2026/2027 , kuphinde kuthulwe umbiko mayelana nohlelo luka Princess Magogo lwamahubo.

AMakhosi aphinde ahlomula nama Voucher ka R30 000 iNkosi ngayinye , lama voucher adle inani lemali engu R300 000 , lolu uhlelo lokuzama ukulekelela ngezinsiza kusebenza ezinkantolo zaMakhosi ukuze imiphakathi isizakale kalula.

AMakhosi aphinde ahlomula nangezimvu , inkosi ngayinye ibithola imvu ngayinye.

Uyaqhubeka umhlangano womkhandlu kanye naMaKhosi kanye nabadidiyeli bamabutho abahlonzwa amaKhosi ezindaweni zawo lapho ...
26/05/2026

Uyaqhubeka umhlangano womkhandlu kanye naMaKhosi kanye nabadidiyeli bamabutho abahlonzwa amaKhosi ezindaweni zawo lapho khona bezothulelwa I IDP&Budget , umbiko ngohlelo lwahubo kanye nama Voucher okusiza amaKhosi ezinkantolo zawo.

Namhlanje umkhandlu waseNquthu oholwa uSodolobha ukhansela IL Shabalala uzobe unomhlangano namaKhosi aseNquthu kanye nab...
26/05/2026

Namhlanje umkhandlu waseNquthu oholwa uSodolobha ukhansela IL Shabalala uzobe unomhlangano namaKhosi aseNquthu kanye nabadidiyeli omele abesilisa, abesifazane kanye nezintombi abahlonzwa amaKhosi ezindaweni zawo ukuzobathulela u Somqulu wentuthuko edidiyelwe kanye nohlahlo zimali lika 2026/2027, uphinde ubathulele umbiko ngohlelo lomntwana u Princess Magogo okuwuhlelo lwamahubo .

Amakhosi azophinde azihlomulele ngama voucher abazothengangangawo izinsiza zokulekelela ezinkantolo zawo .

Namhlanje ntambama umkhandlu waseNquthu oholwa usodolobha  uCllr I.L Shabalala ubuhambele kwa ward 09  , uyokwethula uso...
21/05/2026

Namhlanje ntambama umkhandlu waseNquthu oholwa usodolobha uCllr I.L Shabalala ubuhambele kwa ward 09 , uyokwethula usomqulu odidiyelwe kanye nohlahlozimali (IDP) kuka 2026/ 2027 kuma Ratepayers aseNquthu

Address

Lot 83/10 Mdlalose Street
Nqutu
3135

Opening Hours

Monday 07:30 - 16:15
Tuesday 07:30 - 16:15
Wednesday 07:30 - 18:15
Thursday 07:30 - 16:15
Friday 07:30 - 12:00

Telephone

+27342716100

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Umasipala Wasenquthu posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Umasipala Wasenquthu:

Share