01/09/2026
uMshwathi Uvale Inyanga Yabesifazane Ngezinga Eliphakeme
UMasipala uMshwathi uvale iNyanga Yabesifazane ngenothi eliphezulu, kulandela uchungechunge lwezinhlelo nemisebenzi ebihlose ukuqaphela, ukuhlonipha, ukubungaza kanye nokuthuthukisa abesifazane kuwo wonke uMasipala.
Uhlelo lokugcina lweNyanga Yabesifazane l**e seMambedwini Hall eSwayimane, kuWard 13, lwahlanganisa abesifazane, amalungu omphakathi, oKhansela kanye nabamele iminyango kahulumeni eyahlukene.
Kulolu hlelo bekukhona nabamele uMasipala Wesifunda uMgungundlovu, okubalwa kubo uSomlomo, uKhansela Nonhlanhla Gabela, noSomlomo kaMasipala uMshwathi, uKhansela Sbongile Mbatha-Ntuli kanye neKhansela lendawo yaka Ward 13 uSisi Nomusa Khanyile
Bobabili oSomlomo bethule umyalezo oqinile futhi ohambisana, bekhuthaza abesifazane ukuthi bathathe umthwalo wemfanelo ngezimpilo zabo, bakholelwe emandleni nasemakhonweni abo, futhi bahlale beqinile naphezu kwezinselelo ababhekene nazo.
Bakhumbuze abesifazane ukuthi inqubekelaphambili esiyijabulelayo namuhla yakhiwe yizizukulwane zabesifazane abanesibindi, abasukuma balwa ngokungabibikho kobulungiswa ,ukucwaswa kanye nengcindezelo, balwela inkululeko, amalungelo nokulingana.
OSomlomo baphinde bakhuthaza abesifazane ukuthi bathathe ugqozi kwabesifazane ababengaphambi kwabo futhi baqhubeke nokubamba iqhaza elibonakalayo ekwakheni imindeni eqinile, imiphakathi ephumelelayo kanye nezikhungo ezisebenza kahle.
Abesifazane bakhuthazwe ukuthi balandele amathuba emfundo, ukuthuthukiswa kwamakhono kanye namathuba ezomnotho.
Baphinde bagqugquzelwa ukuthi basekelane, bakhulume ngokusobala ngokumelene nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kanye nazo zonke izinhlobo zokuhlukunyezwa, futhi baqinisekise ukuthi amazwi abo ayazwakala ezindaweni lapho kwenziwa khona izinqumo.
Abesifazane baphinde bakhunjuzwa ukuthi ukuhlonyiswa kuqala ngokuzazi, ukuzihlonipha nokubona ukubaluleka kwabo. Bakhuthazwe ukuba babe yizithunywa zenguquko emiphakathini yabo, basekele abanye abesifazane namantombazane asemancane, futhi bakhe amathuba angeke azuzise bona kuphela, kodwa nezizukulwane ezizayo.
Njengoba iNyanga Yabesifazane isisongwa, uMasipala uMshwathi uyakubona futhi uyakuhlonipha ukubaluleka okukhulu kweqhaza elibanjwa ngabesifazane ekuthuthukisweni komphakathi. UMasipala uthi uzoqhubeka nokweseka izinhlelo ezihlose ukuthuthukisa abesifazane, ukuvikela isithunzi sabo, ukuphepha, ukulingana kanye nokubamba iqhaza kwabo emnothweni.
Umyalezo ophume kulolu hlelo ubucacile: abesifazane banamandla, banokuqina futhi banekhono lokuzakhela ikusasa labo, kanye nokubamba iqhaza elibalulekile ekwakheni ikusasa lemindeni yabo, imiphakathi kanye nezwe.
Ukuvalwa kweNyanga Yabesifazane akusho ukuphela komsebenzi wokuhlomisa nokuthuthukisa abesifazane, kodwa kuyisikhumbuzo esisha nesibizela abesifazane ukuthi bame ndawonye, basekelane, baphakamisane futhi baqhubeke nokwephula izithiyo ezibavimbayo ekufezeni amaphupho abo.