Mandeni Local Municipality

Mandeni Local Municipality Official page for Mandeni Local Municipality.

WARD 08 WOMEN'S MONTH CELEBRATION02 SEPTEMBER 2026Namhlanje, uMeya womkhandlu ka Masipala wase Mandeni, uKhansela Thaban...
02/09/2026

WARD 08 WOMEN'S MONTH CELEBRATION

02 SEPTEMBER 2026

Namhlanje, uMeya womkhandlu ka Masipala wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose, usingathe umcimbi wokuvala inyanga yabantu besifazane eMacambini, KwaChili Area.

Lomcimbi, uphinde wasetshenziswa njengesizinda sokuhlomisa omama bakulendawo ngolwazi lokuzithuthukisa emikhakheni eyahlukene kanye nokubeluleka ngezingqinamba ababhekana nazo nsuku-zonke.

www.mandeni.gov.za | 032 456 8200 | [email protected]




MANDENI SPAZA/TUCK SHOP WORKSHOP02 SEPTEMBER 2026Namhlanje, uMasipala wase Mandeni, ngaphansi komnyango wezokuthuthukisw...
02/09/2026

MANDENI SPAZA/TUCK SHOP WORKSHOP

02 SEPTEMBER 2026

Namhlanje, uMasipala wase Mandeni, ngaphansi komnyango wezokuthuthukiswa kwamabhizinisi, usingathe isigcawu sokuthekela ulwazi lapho abanikazi bama Spaza Shops bebehlonyiswa khona ngolwazi lokuzigcina besebhizinisini kanye nezindlela zokusinga uxhaso ezinhlakeni ezahlukene.

Lesigcawu, siyingxenye yesibophezelo sika Masipala wase Mandeni sokuqinisekisa ukuthi amalunga omphakathi adlala indima ekuthuthukisweni komnotho nokudala amathuba emisebenzi.

www.mandeni.gov.za | 032 456 8200 | [email protected]




MANDENI POLICY WORKSHOP02 SEPTEMBER 2026UMnyango wezabasebenzi ngaphakathi ku Masipala wase Mandeni, uyaqhubeka nokuqini...
02/09/2026

MANDENI POLICY WORKSHOP

02 SEPTEMBER 2026

UMnyango wezabasebenzi ngaphakathi ku Masipala wase Mandeni, uyaqhubeka nokuqinisekisa ukuthi abasebenzi bahlinzekwa ngolwazi olwanele ngenqubomgomo kanye nendlela yokuziphatha.

Namhlanje, kuzohlaliswa izigcawu ezimbili zokucija abasebenzi ngenqubomgomo ephasiswe ngumkhandlu wamakhansela.

www.mandeni.gov.za | 032 456 8200 | [email protected]




RESTORING HOPE, REINSTILLING THE CULTURE OF TEACHING & LEARNING AT KWAVUSUMUZI HIGH SCHOOL01 SEPTEMBER 2026Namhlanje, it...
01/09/2026

RESTORING HOPE, REINSTILLING THE CULTURE OF TEACHING & LEARNING AT KWAVUSUMUZI HIGH SCHOOL

01 SEPTEMBER 2026

Namhlanje, ithimba le LTT ngaphansi kuka Masipala wase Mandeni, livakashele isikole i-Vusumuzi High School, eSithebe ngenhloso yokuzodlulisa umkhuleko ka doloqina, ukweluleka abafundi kanye nokubafisela okuhle ngaphambi kwezivivinyo zokuphela konyaka.

Konke lokhu kwenzeka ngemuva kwesigameko sokudlula komfundi emagcekeni esikole okwenzeke emavikini adlule.

I-LTT (Local Task Team), uhlaka oluholwa ngu Masipala wase Mandeni, oluhlanganisa iminyango eyahlukene, esingabala kuyo abakwa-SAPS, Department of Community Safety and Liaison, Department of Health, Department of Social Development kanye nezinhlanhano ezahlukene ezingenzi-nzuzo.

www.mandeni.gov.za | 032 456 8200 | [email protected]




KUBUNGAZWE INYANGA YABANTU BESIFAZANE EMANDENI28 AUGUST 2026Namhlanje, uMasipala wase Mandeni usingathe imicimbi emibili...
28/08/2026

KUBUNGAZWE INYANGA YABANTU BESIFAZANE EMANDENI

28 AUGUST 2026

Namhlanje, uMasipala wase Mandeni usingathe imicimbi emibili yokubungaza inyanga yabantu besifazane.

ESibusisiwe Hall, i-Women's Caucus ibuyele emphakathini nabantu besifazane bezinhlaka ezahlukene, bebehlangene ngenhloso yokuhlomisana ngezikhali zokubhekana nempilo kanye nokucijana ngamathuba okuzithuthukisa ahlukene.

EDokodweni Beach, bekuhlangene abantu besifazane abangabasebenzi ngaphansi kuka Masipala. Njengengxenye yokwenzekile, bebelulekwa ngokomqondo, bathamela izinkulumo ezakhayo baphinde bembulelwa ngamathuba ahlukene okuzikhulisa.

Phakathi kokunye, lemicimbi iphinde yasetshenziswa njengesigcawu sokunikeza abantu besifazane ithuba lokuvulelana izifuba.

www.mandeni.gov.za | 032 456 8200 | [email protected]




MANDENI COUNCIL SITS27 August 2026Uqhubeka ngempumelelo umhlangano womkhandlu wamakhansela ka Masipala  aseMandeni ohlez...
27/08/2026

MANDENI COUNCIL SITS

27 August 2026

Uqhubeka ngempumelelo umhlangano womkhandlu wamakhansela ka Masipala aseMandeni ohlezi eCouncil Chambers.

Lona umhlangano lapho amakhansela ethatha khona izinqumo ngezinhlelo zentuthuko, inqubomgomo kanye nokusebenza kwansuku zonke kuka Masipala.

Okuseqhulwini kokudingidwayo osukwini lwanamhlanje, isethulo sekomidi lezezimali se-quarter yesine yonyaka wezimali ka 2025/26.

www.mandeni.gov.za | 032 456 8200 | [email protected]




MAYOR GRACES TRADITIONAL EVENT26 AUGUST 2026Namhlanje, uMeya womkhandlu ka Masipala wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdla...
26/08/2026

MAYOR GRACES TRADITIONAL EVENT

26 AUGUST 2026

Namhlanje, uMeya womkhandlu ka Masipala wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose ube ingxenye yomcimbi wenhlangano yabalaphi bendabuko "Umkhosi ka Nomkhubulwane" obubanjelwe eLindiwe Shabalala Hall.

Lomcimbi bekuhloswe ngawo ukwakha ubumbano kubelaphi, nokubahlomisa ngezindlela zokwenza umsebenzi wabo uhambelane nesikhathi samanje. Njengengxenye yokwenzekile, uMeya wethule inkulumo ebonga amagalelo abelaphi bendabuko ekugcineni izindlela zasendulo zokwelapha kanye nosiko-mpilo.

Phakathi kwezinhlaka ezedlulise imyalezo, singabala abakwa South African Police Services (SAPS), umnyango wezemvelo kanye nomnyango wezempilo.

www.mandeni.gov.za | 032 456 8200 | [email protected]




JOB PREPAREDNESS WORKSHOP26 AUGUST 2026Luqhubeka ngempumelelo uhlelo lokucija abantu abasha ngezindlela zokusinga amathu...
26/08/2026

JOB PREPAREDNESS WORKSHOP

26 AUGUST 2026

Luqhubeka ngempumelelo uhlelo lokucija abantu abasha ngezindlela zokusinga amathuba ahlukene esingabala kuwo imisebenzi, ama-internships kanye nokungena ngaphansi kwezinhlelo zokuthuthukisa amakhono.

Namhlanje, ithimba lehhovisi labantu abasha eMandeni, likanise eNdulinde, eSikhonyane Tribal Court lapho liqhuba khona lomsebenzi.

www.mandeni.gov.za | 032 456 8200 | [email protected]




MANDENI HOSTS PEOPLE WITH DISABILITY GAMES SELECTIONS25 AUGUST 2026Namhlanje, uMasipala wase Mandeni usingathe imidlalo ...
25/08/2026

MANDENI HOSTS PEOPLE WITH DISABILITY GAMES SELECTIONS

25 AUGUST 2026

Namhlanje, uMasipala wase Mandeni usingathe imidlalo yokuhlunga abadlali abazoba ingxenye yeskwati esizomela i-Mandeni kuma Disability Games esigabeni sesifunda.

Bheka amazwibela ezithombeni

www.mandeni.gov.za | 032 456 8200 | [email protected]





EPWP NATIONAL YOUTH SERVICE INDUCTION24 AUGUST 2026Namhlanje kuqalwe ngokusemthethweni ukuqeqeshwa kwengxenye yabantu ab...
24/08/2026

EPWP NATIONAL YOUTH SERVICE INDUCTION

24 AUGUST 2026

Namhlanje kuqalwe ngokusemthethweni ukuqeqeshwa kwengxenye yabantu abasha ngaphansi kohlelo lwe EPWP National Youth Service abazosebenza ku-phrojekthi yokwakhiwa kwesakhiwo senkantolo yemantshi eMandeni.

Kulaba abaqeqeshwayo, abangu-10 bazoqeqeshelwa ukwenza i-Plumbing, abangu-30 bazokwenza Steel Fixing kanti abanye abangu 30 bazokwenza Capentry Shuttering.

www.mandeni.gov.za | 032 456 8200 | [email protected]




Address

2 Kingfisher Road
Sundumbili
4490

Opening Hours

Monday 07:30 - 16:30
Tuesday 07:30 - 16:30
Wednesday 07:30 - 16:30
Thursday 07:30 - 16:30
Friday 07:30 - 14:00

Telephone

+27324568200

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mandeni Local Municipality posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Mandeni Local Municipality:

Shortcuts

Share