Mfo ka Mkhonza

  • Home
  • Mfo ka Mkhonza

Mfo ka Mkhonza Private Social worker, Simple politics & Podcast Counseling Social Worker. I'm practising privately as a general practitioner.

Zingane zethu eMkhondo naseMzansiPlease! Phumani ebugebengwini, abukhokheli. Into eyenzakalayo ukuthi ufa umncane noma u...
08/06/2026

Zingane zethu eMkhondo naseMzansi

Please! Phumani ebugebengwini, abukhokheli. Into eyenzakalayo ukuthi ufa umncane noma uboshwe ube ne criminal record. Abazali bakho uyabahlukumeza kanjalo. Ukukhala komzali wakho ngenxa yokuganga kwakho kuwukuziqalekisa wena uqobo. Izitha zakho nabantu obagangelayo basengalimaza abazali bakho nabantu bakini ngenxa yokuganga kwakho. Vikela umndeni wakho ngokuthi uziphathe kahle, uye eskolweni, ungalovi, uhloniphe.

Baningi abantwana abake bayenza lento oyenzayo, bayazisola manje. Abanye baboshiwe bayeka iskole. Abanye sebaphumile manje akusabuyeleki eskolweni bayoqhubeka nemfundo yabo. Abanye abazali babo bakhala baze bagula bashona bekhala ngenxa yokuhlushwa ngabantwana babo bengalaleli ekhaya naseskolweni.

Ithuba lisekhona. Shintshani manje. Sebenzisani amakhono wenu eninawo kunokuthi nenze ubugebengu. Dlalani ibhola, culani, yenzani ama poems, ninake nezincwadi zeskolo. Maningi amathuba eninawo okwenza imali ngendlela e right e South Africa. Sikhona ukunelekelela.

Umlayezo kini bazali: Ningasithinta bazali uma bevuma abantwana ukuthi bazosebenzisana nathi ukushintsha impilo yabo. Bancengeni ukuthi bavume sifike sizokhuluma nabo.

Call or WhatsApp: 068 137 0283 noma 073 4256 087

abaholi baksasa
isematholeni.

Siyabasiza abantwana bagweme izinto ezizobafaka ejele. Okuhle ukuthi iningi labo liyezwa futhi liyavuma silisize ngezelu...
08/06/2026

Siyabasiza abantwana bagweme izinto ezizobafaka ejele. Okuhle ukuthi iningi labo liyezwa futhi liyavuma silisize ngezeluleko ezakhayo.

Nawe ungasithinta kungakonakali kakhulu. Sifika qathatha ekhaya lakho naseskolweni sizobheka ukuthi iziphatha kanjani ingane yakho.

Sithinte: 068 137 0283 noma 073 4256 087

Isematholeni

03/06/2026

Shout out to my newest followers! Excited to have you onboard! Mbongeni Lucky Mavuso, Sizwe Ntuli, Umphikiseni Masimula, Sam Leroy, Fikile Masilela, Jabulile Agnes, Kgombisile Twinlady Zingelwayo, Sharon Sharon, Ntombieghfuthee Mamafahla

Sanibonani mphakathi Namanje siyehla siyenyuka sivakashela amakhaya nezikoke siyokweluleka siphinde sisize abazali naban...
02/06/2026

Sanibonani mphakathi

Namanje siyehla siyenyuka sivakashela amakhaya nezikoke siyokweluleka siphinde sisize abazali nabantwana ukuze bangazizwa belahliwe baswele umuntu ongabanika izeluleko.

Nawe ungasithinta uma unomntwana oneminyaka engaphansi kuka 21 onalezinkinga ezivela la👇

Contacts:

Calls and WhatsApp: 068 137 0283 & 073 4256 087

isematholeni

Keep Walking...
01/06/2026

Keep Walking...

Ake ngithathe ithuba ngibongele bonke abadlali abakhethiwe ku Bafana Bafana ukuthi bayodlala ku World cup. Nakuba kunjal...
27/05/2026

Ake ngithathe ithuba ngibongele bonke abadlali abakhethiwe ku Bafana Bafana ukuthi bayodlala ku World cup. Nakuba kunjalo, n**i izikhalo zami nge decision ka Hugo Broos:

1. Angisbonanga isdingo sokubiza abadlali abangu 32 ekbeni azi kahle ukuthi abangu 6 kubo uzobashiya kabuhlungu kanje.

2. Ngicabanga ukuthi akekho kahle kahle umdlali we Chiefs amkhethile. U Cross ufakelwe nje ukuthi azovala iskhala sabelungu ku squad. Angicabangi ukuthi uzolithola ithuba lokudlala.

3. Asikho isdingo sama defenders angaka (11 wonke). Kushukuthi siyodlalela ama draws vele.

4. Lento ayenzile kulabadlali abashiyile izobalimaza kabi emqondweni. Unginike omunye nje umqondo wokuba nenhliziyo embi ye apartheid nokungacabangeli imizwa yalabadlali. Bekfanele batshelwe nje ngasese ukuthi bayasala, bangayi nokuya nje lapha bayokwenziwa ihlaya.

debate ku Social media: Why Goss instead of Peterson?

22/05/2026

Abashuthwe 😀😃😄

Address

10587, Mangosuthu Village

2380

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mfo ka Mkhonza posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Mfo ka Mkhonza:

  • Want your organization to be the top-listed Government Service?

Share