16/07/2026
ISIGUBHU
By Sizakele Xulu
ISIGCAWU 14
[Kuntambama uZinhle noMkhize sebebuyile ekhaya, uLindi ungena esangweni lakwakhe uyadlwathuzela udinwe ugane unwabu uqhamuka nje uyamemeza akasenendaba nabantu ukuthi bayamubuka]
Lindi : [ememeza] Thelangaye Mkhize!!![angene endlini afice uMkhize usemangele ukuthi wabizwa ngepasi nje kwenzenjani] Lalela -la ngizokubuza kube kanye, kanye Mkhize yezwa!! KHONANI KULENDLU ENGENHLA ? Futhi ungalinge uqambe amanga ungenze isilima
Mkhize : [ Azenze umuntu odinwayo kodwa ugqiba ukuthi wethukile] Mfazi ndini ukuthathelaphi ukuthi ungibukanise ngomphakathi ngaloluhlobo usuqhuba intwala ngewisa Lindiwe
Lindi : [ ehleka kancane sakubhuqa ] iheee….ihee wena ucabanga ukuthi kusiniswa amahleza la [amemeze uzinhle] ZINHLE!!!
Zinhle : [asabele esekhishini] Mah uyangibiza [aqhamukele kubona] sengikhona
Lindi : Lalela sisi hamba uyoqoqa wonke amasakana akho siyahamba la ngeke sihlale nombulali thina umuntu othwele ophila ngemali yegazi
Mkhize : [ useyabakaza] Nkosikazi cela ungangishiyi mama wabantwana bami ngingachaza mama
Lindi : iheeee bona baphi abantwana [usebambe edandi] usho laba abadliwa ilenyoka yakho othwele ngayo usho labo [athi uyaphenduka abone uZinhle usamile ulokhu ebakaza] Habe kusamile lokhu ngane ngithe qoqa izinto zakho wena sambe la!![aphume athi lacu uZinhle]
Mkhize : [emncenga ] Mkami angiqondile lokho yonke lento engiyenzile bengenzela nina bekumele ngizame nami njengendoda
Lindi : Ingakho ubungafuni siye esangomeni ubuwazi amanyundululu akho azophuma ubunesikhathi sonke ukuthi ungazise
Mkhize : Cela ungixolele Mkami
Lindi : Selidume ladlula Mkhize isikhathi sesidliwe yinja [ukhuluma nje uqoqa izimpahla zakhe] wena nezinyoka zakho salani,, Zinhle asambe bo!
Mkhize :Nizoyaphi mawakhe
Lindi : Nginekhaya Mkhize angixoshwanga [usehudula isikhwama sakhe uyophuma ngomnyango]
Mkhize : [Useyakhala manje] Ngizoba yini ngaphandle kwenu Ngiyakucela maLindi wami [amubambe isandla]
Lindi : Ayikho into ekukhalisayo wena ukhaliswa ilesisibeletho sami engihamba naso angithi uthwala ngabantwana bami wena
Mkhize : Ngiyaxolisa mama bengingakuqondile lokho akuyona into engavumelana ngayo noNdlovu lena , Ngiyakucela dali ungahambi
Lindi : [amuzibe engathi akamuzwa] uziqoqe zonke intozakho Zinhle
Zinhle : yebo mama[ aphume emnyango]
Lindi : Wena sala nalezinyoka zakho ungalinge usifonele kusuka manje mina nawe asazani [baphume bahambe bangabheka emuva]
Mkhize : [wakhipha ucingo lwakhe wafonela umfowabo] Mfwethu
Mpiyakhe : sho bafo
Mkhize : [ekhala] Ngimoshile bafo umfazi ungishiyile nengane , ayisekho mina into engiyiphilelayo
Mpiyakhe : Ngiyeza manje mfwethu musa ukukhuluma kanjalo
Mkhize : Kulungile bafo ungeza [aluvale ucingo ,akhulume yedwa ekhala] Ayisekho vele into engiyiphilelayo kulomhlaba ungishayile wonke lomcebo bengenzela uLindi noZinhle manje ngoba bengasekho nje bengishiyile nami kuphelile ngami anginamndeni anginabani [ athathe intambo eshalofini ayibophe eklabheni lendlu athathe isitulo agibele alungisele ukuzilengisa] iyona mpilo encono lena engifanele kwelamathongo vele ngizotholwa uMpiyakhe . Bogogo noMkhulu BoKhabazela cela ningamukele [wasikhahlela isihlalo]
Mpiyakhe : [Ungena uyagijima uma efika wafica uMkhize eluyalenga endlini,wathuka wathwala izandla ekhanda] Hawu kodwa mfwethu ungenzani [ wakhala wazama ukumqaqa kanti usethule]
THE END
Please share ,Like and comment🙏