07/09/2026
ISAZISO SOMPHAKATHI
7 SEPTHEMBA 2026
UMASIPALA UYAYIXAZULULA INKINGA YAMANZI EZINGXENYENI ZOHLELO LWASE-PINETOWN
UPhiko lwezaManzi neNhlanzeko kuMasipala lumatasatasa nophenyo futhi luphuthumisa umsebenzi wokulungisa esikhungweni iN-Pump Station ukubhekana nenkinga yamaphampu akulesi sikhungo nokuqinisekisa ukuthi amadamu aphakela izingxenye zohlelo lwamanzi lwasePinetown ayabuyela athola amanzi.
Amathimba ochwepheshe akule ndawo njengamanje lapho elungisa khona le nkinga.
Le nkinga eqhubeka kulesi sikhungo iza ngemuva kokuphazamiseka kwamanzi kwangaphambilini okudalwe wukuvuza epayipini elikhulu iSouthern Aqueduct, osekulungisiwe.
Amanzi asebuyile ezindaweni eziningi ebezithinteke kulokhu kuvuza kwaleli payipi. Nokho, amadamu aphakelwa yiN-Pump Station ayaqhubeka nokushodelwa ngamanzi ngenxa yenkinga yamaphampu.
UMasipala uyakuqonda ukuthi izakhamizi zakwezinye izindawo, ikakhulukazi eSt Wendolins, eKlaarwater, eLuganda naseSavannah Park, sezinesikhathi esingaphezu kwamasonto amabili zingawatholi ngendlela efanele amanzi.
UMasipala uyabuqonda ubunzima obudalwe yilokhu kuphazamiseka kwamanzi osekuthathe isikhathi eside, futhi uyibeke eqhulwini imisebenzi yokulungisa ukuze amadamu athintekile akwazi ukugcwala, nokuhanjiswa kwamanzi kubuyele esimweni esijwayelekile.
Amaloli amanzi azoqhubeka nokuthunyelwa ezindaweni ezithintekile njengendlela yokuhlinzeka ngamanzi okwesikhashana ngenkathi kusaqhubeka imisebenzi yokulungisa.
Izindawo ezithintekile yilezi:
*I-N – PUMPSTATION - iKlaarwater, kwaPhumphele, iSt Wendolins, izingxenye zeNsizwakazi, iSavannah Park Phase 1 no-2, namafemu aseWiltshire.
*I-WASHINGTON HEIGHTS (RESERVOIR P) - iKlaarwater, iNsizwakazi, iRegency Park, iLatana, iHlanganisa, uGwala Road, noSarjoo Road.
*I-INTAKE RESERVOIR (RESERVOIR Q)- iDemat, uProgress Road, iMawelewele, u-Intake Road, iLuganda, izingxenye zeNagina, iKhoseleni, iSthundu Hills, kwaDambuza, izingxenye zikaBell Tower Road, izingxenye zikaGrasmere Road, noMpongo Road.
UMasipala uyaxolisa ngalokhu kuphazamiseka komphakathi.
Ukuze uthole olunye ulwazi mayelana nokuhlinzekwa kwamanzi nokubika ukuphazamiseka kwamanzi, umphakathi ungasebenzisa i-app kaMasipala noma uthumele uWhatsApp ku-073 148 3477. Umphakathi ungashayela nenombolo yamahhala ethi 080 311 1111 noma uthumele i-email [email protected].