23/10/2026
♦️IZITHOMBE♦️
U-Cllr Candidate Fighter Sibusiso Ngobeni, ngesikhathi eqhuba uhlelo lwakhe lokungena umuzi nomuzi, uhlangane nomndeni ophila ngaphansi kwezimo ezinzima, lapho kutholakale khona umntwana ophila nokukhubazeka obelala phansi ngenxa yokungabi nazo izidingo ezimfanele.
Engagcinanga ngokubona lesi simo, uFighter Sibusiso Ngobeni uphindele kulo muzi namuhla ephethe izinto ezizosiza umntwana kanye nomndeni wakhe. Uphinde wafaka namafasitela (windows) ukuze kuthuthukiswe isimo salo muzi.
Lesi senzo sigcizelela ukubaluleka kokungena emiphakathini, ukulalela izidingo zabantu nokuthatha izinyathelo zokuletha usizo lapho ludingeka khona.