EFF Jozini Sub-region

EFF Jozini Sub-region Political power without economic emancipation is meaningless.

05/09/2026

♦️VIDEO♦️

MaFighter, acele into ethi ayibe kanje: “Bathini ubuholi? Asihlangane ngoLwesihlanu, kuvele kwaba nje…” 😅🔥

♦️IZITHOMBE♦️Umphakathi waseMakhonyeni (eMathuneni) ubize ubuholi be-EFF kanye no Cllr Candidate uFighter Sifiso Nkonyan...
05/09/2026

♦️IZITHOMBE♦️

Umphakathi waseMakhonyeni (eMathuneni) ubize ubuholi be-EFF kanye no Cllr Candidate uFighter Sifiso Nkonyane, ukuze bazobikela ngobunzima obukhulu ababhekene nabo.

Umphakathi ubuchithe isikhathi eside ubhekene nenkinga yokungabi nayo indlela yezimoto, ngenxa yamasimu ayevale umgwaqo, okwenza impilo yabantu ibe nzima kakhulu.

Ubuholi be-EFF abuzange buhlale izandla zibambene. Busukumele phezulu, bahlangana nabantu abathintekayo ukuze kutholakale isisombululo esizohlomulisa umphakathi.
Izolo kube usuku lwenjabulo enkulu eMakhonyeni, njengoba umphakathi ulethelwe iziphendulo ezinhle sekuzoba khona indlela yezimoto, emva kwesikhathi eside abantu behlupheka bengenayo indlela yokuhamba.

♦️IZITHOMBE ♦️Izolo eWard 24 bekungelona nje elinye ilanga  bekuyi-RED FRIDAY RAZZMATAZZ enomfutho, amandla kanye nentsh...
05/09/2026

♦️IZITHOMBE ♦️

Izolo eWard 24 bekungelona nje elinye ilanga bekuyi-RED FRIDAY RAZZMATAZZ enomfutho, amandla kanye nentshisekelo!

Lona kube uphawu oluhle nolucacile lokukhombisa abantu ukuthi i-EFF iyaphila, ikhona futhi isemgwaqeni!
I-EFF ngeke ihlale emahhovisi kuphela sizohlala sisezitaladini, siphakathi kwabantu bakithi, silalele izikhalo zabo futhi silwele izinguquko abazifunayo.

♦️ EFF RED FRIDAY — RAZZMATAZZ! ♦️Hawu maFighter!  KUSASA ASIDLALI!I-EFF imema NONKE ukuthi niphume ngobuningi benu ku-R...
03/09/2026

♦️ EFF RED FRIDAY — RAZZMATAZZ! ♦️

Hawu maFighter! KUSASA ASIDLALI!

I-EFF imema NONKE ukuthi niphume ngobuningi benu ku-RAZZMATAZZ!

Biza umngani wakho
Umngani naye abize owakhe!
Lowo wakhe naye abize owakhe!

Sizogqoka I-RED, sivule ama-voice, sivule ama-step, sivule nomoya!
SIFASE ITEKI!

02/09/2026

Kube yinjabulo enkulu kodado njengoba sebengakwazi ukuhlala ezitulweni ezihloniphekile. Bebabonakala bejabule ngendlela eyisimanga, bejabulela lolu sizo oluzokwenza umehluko empilweni yabo yansuku zonke.
Ukusebenza, hhayi izithembiso!

♦️IZITHOMBE♦️Ubuholi be-EFF kanye no-Cllr Candidate waseWard 07, Fighter Sibusiso Ngobeni, namuhla bavakashele Phandile ...
02/09/2026

♦️IZITHOMBE♦️

Ubuholi be-EFF kanye no-Cllr Candidate waseWard 07, Fighter Sibusiso Ngobeni, namuhla bavakashele Phandile KwaOphande VD Creche, lapho babeke khona isithembiso sokuthi bazobuya nezimpendulo mayelana nezinselelo ababebhekene nazo.
Namuhla leso sithembiso sesigcwalisekile.

U-Cllr Candidate Fighter Sibusiso Ngobeni unikele ngezihlalo zokudla zezingane ezingu-45, kanye nezithisha, njengoba izingane bezihleli phansi ngesikhathi zidla.
Akagcinanga lapho uphinde waphathela odado ukudla nezinto abazithandayo ezimnandi, kanye ne-breakfast yabo.

♦️IZITHOMBE♦️Ihloso yinye ukuguqula isimo sempilo, ukuze singafani nesayizolo. Lolu hlelo luyaqhubeka kahle ngaphansi ko...
01/09/2026

♦️IZITHOMBE♦️

Ihloso yinye ukuguqula isimo sempilo, ukuze singafani nesayizolo. Lolu hlelo luyaqhubeka kahle ngaphansi kohlelo olwamenyezelwa ngu EFF Cllr Candidate uFighter Sifiso Nkonyane.

Abafundi abenza uhlelo lwe Driver’s Learner’s Licence bayaqhubeka nokufunda nokuthola ulwazi oluzobasiza ekwakheni ikusasa elingcono.
Kube yintokozo nenjabulo enkulu ukubona abafundi bejabule futhi bebona umehluko empilweni yabo ngenxa yaleli thuba.

01/09/2026

♦️ Victory or death♦️

♦️IZITHOMBE♦️Ubuholi be-EFF kanye no Cllr Candidate waseWard 07, Fighter Sibusiso Ngobeni, bavakashele i-creche yaseWard...
31/08/2026

♦️IZITHOMBE♦️

Ubuholi be-EFF kanye no Cllr Candidate waseWard 07, Fighter Sibusiso Ngobeni, bavakashele i-creche yaseWard 07, lapho ubuholi be-creche babethule khona izinselelo kanye nezinkinga ababhekene nazo.
UFighter Sibusiso Ngobeni uthe njenge-EFF, asikholelwa ekuthembiseni abantu ngezinto esingeke sizifeze — sikholelwa ekwenzeni. Ube esethembisa ukuthi uzobuyela kubaholi be-creche neziphendulo kungakapheli izinsuku ezi-3, ukuze kutholakale izindlela zokubhekana nalezi zinselelo.
Ube eseqhubeka nokuchitha isikhathi nabantwana, ebajabulisa futhi ebapha izinto ezimnandi.

♦️IZITHOMBE♦️Namuhla ubuholi be- (EFF), kanye no Cllr Candidate waseWard 07, Fighter Sibusiso Ngobeni, bavakashele isiko...
31/08/2026

♦️IZITHOMBE♦️

Namuhla ubuholi be- (EFF), kanye no Cllr Candidate waseWard 07, Fighter Sibusiso Ngobeni, bavakashele isikole saseWard 07, eNobiya, okuyisikole esiqhubeka nokwenza kahle kakhulu.
Kulolu hambo, u-Cllr Candidate Sibusiso Ngobeni ubonise ukuthi ubuholi akusona isithembiso kuphela, kodwa isenzo esibonakalayo emphakathini. Uye walekelela abafundi abahlala ngaphakathi esikoleni ngokudla, ukuze baqhubeke nokufunda bekhululekile futhi benempilo.
Uphinde walekelela abesifazane namantombazane ngama-sanitary pads, ngoba siyazi ukuthi isithunzi, impilo kanye nemfundo yomntwana wesifazane kubalulekile.
EFF – Siyasebenza, siyakhathala, futhi sime nomphakathi.

Address

Jozini

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when EFF Jozini Sub-region posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share