01/09/2026
๐ข๐ ๐๐ ๐ ๐๐๐ฆ๐๐๐จ๐ก๐๐ ๐๐๐๐๐จ๐๐๐๐๐๐ ๐จ๐๐จ๐๐ช๐ ๐ก๐๐ญ๐๐ก๐ง๐ข ๐๐ญ๐๐ช๐จ๐๐๐จ๐ฃ๐๐ข ๐๐ ๐๐ฃ๐๐๐๐๐ง๐๐๐ก๐ ๐ฌ๐๐๐๐ ๐๐
Omama baseSifundeni iLembe bahlanganele ehholo i-Maphumulo Town Hall namuhla ngenhloso yokuhlanganyela ngomkhuleko wokulwa nezinto eziwuhlupho emiphakathini eyakhele leSifunda, ongabala ibugebengu, ukukhulelwa kwentsha, ukusetshenziswa kwezi dakwamizwa kanye nokulahleka kwenhlonipho. Lomkhuleko ugxile kakhulu emandleni okubambisana, ekuqondiseni, kanye nokuguqula imiphakathi ukuze ibe ngephephile ne nentokomalo.
Lolu hlelo loMkhuleko livulwe uMeya wakwaMaphumulo, uKhansela Matozi Khuzwayo-Dlamini ngomyalezo okhethekile, ucele ukuba umkhuleko wobudlelwane usatshalaliswe nakubo njengo sopolitiki - ikakhulukazi njengoba kwiyizikhathi zokhetho lapho ukubulalana nokusabisana kwabo kwenyukela.
Lolumanyano luphinde lathola imiyalezo yokuluseka enamandla evela emikhakheni ehlukene njengamaPhoyisa (uSayitsheni Mkhize), Ezempilo (uSistela Mgwaba), kanye nabanye nabaholi okubalwa kubo uCllr. Hlengiwe Makatha, u-Chaplain Gazu kanye no-Apostle Magubane. Izingxoxo zibhekane ngqo nezinselelo zomphakathi ezibucayi, okubalwa kuzo ukusetshenziswa kwezidakamizwa nophuzo oludakayo, ukudlwengulwa nokuhlukunyezwa kwabesimame nezingane, ukukhulelwa kwentsha singakafiki isikhathi, kanye nokubaluleka kokukhuluma nabantwana ngaphandle kokufihla.
Kuvezwe nokubaluleka kokuqina ngokomoya, lapho uSayitsheni Mkhize ephawule khona ukuthi ubuholi budinga umbono ovela kuNkulunkulu nobuhlakani. Enikeza inkulumo yosuku, uSomlomo weLembe, uKhansela Dolly Shandu uhloniphe iminyaka engama-70 yokulwa nokunqoba kwabesifazane, ekhumbula abesifazane ababanesibindi abavula indlela yabaholi bamanje.
Ekhulumela ezempilo uSistela Mgwaba uphonsele omama inselelo yokwakha izisekelo eziqinile emakhaya ngokufundisa abantwana ukukhuleka, ukuchaza kahle ngemiphumela yempilo, nokukhuluma ngokukhululeka esikhundleni sokumemeza nokudala uvalo nokwesaba ezinganeni.
U-Apostle Magubane ukhuthaze abesifazane ukuthi isizwe sidinga abantu besifazane abahlakaniphile, abakhulekayo abenza izinguquko abangagcini nje emakhaya nasezindaweni zokusebenza kwabo, kodwa bazixake nangokuphepha nokuthula emphakathini.
Umasipala weSifunda iLembe liyaqhubeka nokuthembela okholweni, ebunyeni, nasezinhlakeni zomphakathi ezisebenza ukulwa nezinto eziwuhlupho emiphakathini futhi uzimisele ngokwakha isifunda esiphephile nesibekezelayo lapho intsha yethu iqondiswa khona, ivikelekile, futhi inikwa namandla okuphumelela.