19/06/2026
BHALISELA UKUVOTA KULE MPELASONTO
IMeya kaMasipala wesiFunda uThukela, UMhlonishwa Inkosi Shabalala, ukhuthaza zonke izakhamuzi zakulesi sifunda ukuthi zisebenzise Impelaviki Yokubhalisela Abavoti kule mpelasonto, 20-21 June 2026 - ngokubhalisela ukuvota noma ukubuyekeza imininingwane yabo yokubhalisela ukuvota ngaphambi kokhetho loHulumeni Bezindawo ngo November -2026.
IMeya inxunxe kubantu abasha esifundeni sonke ukuthi basebenzise leli thuba ukuze babambe iqhaza elibonakalayo ekwakheni ikusasa lemiphakathi yabo.
“Intando yeningi yethu iyaqina uma zonke izakhamizi zibambe iqhaza, ngikhuthaza intsha yakithi ukuthi ingami eceleni kodwa ibe yingxenye yezinqumo ezizobumba ikusasa loThukela nezwe lethu, izwi lakho libalulekile, ivoti lakho libalulekile,” kusho iMeya Inkosi Shabalala.
Izakhamizi ziyakhunjuzwa ukuthi zilungise amakheli azo okuhlala, njengoba abavoti bezovunyelwa ukuvota kuphela ewadini ababhalisele kuyona.
🗓️ Impelasonto Yokubhalisa: 20–21 Juni 2026
🕗 Isikhathi: 08:00 - 17:00
📍 Vakashela isiteshi sokuvota esiseduze nawe ukuze ubhalise, ubhalise kabusha noma ubuyekeze imininingwane yakho yokuvota.
IKhomishana yoKhetho, IEC- isinxuse bonke abavoti ababhalisile ukuthi baqinisekise ukuthi imininingwane yabo yokubhalisa, ikakhulukazi amakheli ezindawo zokuhlala, ilungile yini ukuze baqinisekise ukuthi babhalisiwe endaweni efanele yokuvota kanye nesigceme.
Sonke asidlale indima yethu ekuqiniseni intando yeningi yethu. Bhalisa. Bamba iqhaza. Vota.