04/06/2026
KUBOSHWE ABOKUFIKA ABANGENAWO AMAPHEPHA, KWABUYE KWAKHISHWA NEZIMPAHLA EZINGEKHO ESIMENI EDOLOBHENI LASEMANGUZI.
Izinhlaka ezahlukene okubalwa u-SAPS, SANDF, BMA, Traffic Police KZN 271, Customs, Department of Home Affairs, CPF, USAC, UMkhanyakude District Environmental Health, UMhlabuyangana Disaster Management, Fire & Rescue, UMhlabuyalingana Waste Management Unit kanye noMhlabuyangana Town Planning, ngenhloso yokulwa nokungena kwabantu ngokungemthetho, ukuhweba okungekho emthethweni kanye nokusabalala kwezimpahla ezingekho emthethweni noma eziphelelwe yisikhathi.
Ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso kube nokuhlolwa kwezitolo nasemigwaqweni, lapho kubuye kwaboshwa abokufika abebengenawo amaphepha agunyaza ukuhlala kuleli. Amaphoyisa abegxile ekuqiniseni umthetho nasekuvikeleni umphakathi.
Lo mkhankaso ugcizelele ukubambisana phakathi kwezinhlaka zokuphepha nomphakathi njengesisekelo sokuletha ukuphepha nokuthula ezindaweni zasemphakathini.
AmaMalungu-EXCO kuMasipala uMhlabuyalingana nabo bebekhona, umasipala ubonge kakhulu lolu hlelo waveza ukuthi luzosiza kakhulu ekugcineni amadolobha akwaMhlabuyalingana ephephile futhi elawulwa kahle.