Mthonjaneni Local Municipality

Mthonjaneni  Local Municipality Mthonjaneni Municipality is one of the Municipalities under King Cetshwayo District.

Iyaqhubeka nokulungisa imigwaqo engenela emakhaya imishini kaMasipala waseMthonjaneni njengoba iqalile kuWard 1 ngaphans...
02/09/2026

Iyaqhubeka nokulungisa imigwaqo engenela emakhaya imishini kaMasipala waseMthonjaneni njengoba iqalile kuWard 1 ngaphansi kukaKhansela M.E Ntshangase endaweni yakwa Yanguye. UMasipala usakuwo umkhankaso wokwenza isimo semigwaqo engenela emakhaya sibegcono nakuba izimo zezulu zibuye ziyilimaze imgwaqo kugcine kungahambeki.

Lemishini izungeza onke amawadi omkhandlu ngokuvumelana namakhansela amawadi okuyiwona futhi ahlonza imigwaqo edinga ukulungiswa nokuvulwa.



UMhlonishwa uMeya uMbangiseni Biyela  umema wonke umphakathi waseNdundulu ukuba ube yingxenye yokukhucululwa  kwemfucuza...
31/08/2026

UMhlonishwa uMeya uMbangiseni Biyela umema wonke umphakathi waseNdundulu ukuba ube yingxenye yokukhucululwa kwemfucuza nokuqinisekisa ukuthi lendawo ihlale ihlanzekile.

Loluhlelo lwe-Clean up Campaign lwaseNdundulu luzokuba mhlaka 03 kuMandulo 2026. kanti kuyohlanganelwa khona eHholo laseNdundulu ekuseni ngo 09h00. Lomgqigqo wenziwa ngokubambisana noMnyango wakwa EDTEA nezinye izinhlaka ezikhuthaza ukuqoqwa kwemfucuza nokuhlanzwa kweMvelo.

!!!.
!!!.
!!!.
!!!...

OPERATION SIYAYA EMHLANGENI 2026Uyaqhubeka  umcimbi wokulungiselela uhambo loMkhosi woMhlanga okuwumcimbi wamatsh*tshi. ...
30/08/2026

OPERATION SIYAYA EMHLANGENI 2026
Uyaqhubeka umcimbi wokulungiselela uhambo loMkhosi woMhlanga okuwumcimbi wamatsh*tshi. Lomcimbi usingathwe iNdlunkulu kaZulu, Amakhosi ,ubuholi bemikhandlu yesiFunda bonke, abantwana basendlunkulu kanye namatsh*tshi avela kubo bonke oMasipala abangaphansi kwesiFunda iKing Cetshwayo.

Lomcimbi yaminyaka yonke usuke uhlose ukucija amatsh*tshi ngakho konke okumele akwaz ekuziphatheni. Kuwo lomcimbi amatsh*tshi asuke eviliyela eqhakambisa injabulo yokuziphatha.

ILOKHU IFUQWE NGAMANDLA NJALO INTUTHUKO KUMASIPALA WASEMTHONJANENI.Namhlanje mhlaka 27 kuNcwaba 2026 ubuholi boMkhandlu ...
27/08/2026

ILOKHU IFUQWE NGAMANDLA NJALO INTUTHUKO KUMASIPALA WASEMTHONJANENI.

Namhlanje mhlaka 27 kuNcwaba 2026 ubuholi boMkhandlu waseMthonjaneni buohendule isoyi isoyi lengqalasizinda kagesi ezokwakhiwa eSangoyane kuward 13 naseNtombokazi kuward 12.

Inhlosongqangi bekuwukuyokwethula uSontileka ozokwakha ingqalasizinda kagesi njengoba bekunesikhalo sezinye izindawo ezingenawo ugesi kulaward.

Ukuba khona kukagesi kuzokwenza impilo yamalungu omphakathi ibegcono futhi ilingane.


Ube impumelelo umcimbi wokubungaza abantu besifazane  ngokuzinikel abakwenzayo emphakathini ukuze ube indawo engcono. Na...
26/08/2026

Ube impumelelo umcimbi wokubungaza abantu besifazane ngokuzinikel abakwenzayo emphakathini ukuze ube indawo engcono.

Namhlanje Mhlaka 26 kuNcwaba 2026 uMasipala waseMthonjaneni ukhumbuze abantu besifazane ukuthi bengakhohlwa wukuthi babaluleke kangakanani. Ukubaluleka kwabesifazane kuqhakambiseke ngesikhathi Isikhulumi sosuku u-Dr Nompumelelo Nkosi-Ntombela ekhuthaza ukuthi abantu besifazane abazakhe, bezithande, bazikhethe ukuze behambe benokuzethemba ezinqumweni zonke abazithathayo. sikhuluma nabo emcimbini wokugubha inyanga yabesifazane, kanti kuvele nokuthi wonke umuntu wesifazane kufanele azixolele ezintweni zonke abhekane nazo ngoba azichazi ukuthi ziwuyena.

UMhlonishwa uMeya ukhuthaze abantu besifazane bezethembe ukuthi akukho okungabehlula ukukwenza. Uphinde wancoma iqhaza elibanjwa abantu besifazane ekwakheni imphakathi engcono, ukwakhiwa kwemindeni ephephile nezimfundiso abazifaka ezinganeni.

Lelo Nkosi


KUZOKWAKHIWA INGQALASIZINDA KAGESI KUWARD 13  ENDAWENI YASESANGOYANA NASEWARD 12 ENTOMBOKAZI. UMhlonishwa uMeya uKhansel...
26/08/2026

KUZOKWAKHIWA INGQALASIZINDA KAGESI
KUWARD 13 ENDAWENI YASESANGOYANA NASEWARD 12 ENTOMBOKAZI.

UMhlonishwa uMeya uKhansela Mbangiseni Biyela kusasa ngo Lwesine mhlaka 27 2026 uzohambela umphakathi wase Sangoyana ngaphansi kuka Ward 13 kanye nomphakathi waseNtombokazi ngaphansi kuka Ward 12 ngenhloso yokuyophendula isoyi futhi ephinde ethula nosonkontileka wengqalasizinda kanyaka ka 2026/2027.

Lomcimbi uhlelwe kanje:

Sod Turning of Sangoyana Electrification
Venue:Sangoyana, Ward 13
Time: 10:00 ekuseni
Date: 27 August 2026

Sod Turning of Ntombokazi Electrification phase3
Venue: eNtombokazi, Ward 12
Date: 27 August 2026
Time: 12:00 emini

UMkhandlu wase Mthonjaneni Wenza Umehluko!


KUSILE KUSASA!!!!Uhlelo lomcimbi wabantu besifazane ozobe useThubalethu Community hall luzobe luphethwe uPhindy P.
25/08/2026

KUSILE KUSASA!!!!

Uhlelo lomcimbi wabantu besifazane ozobe useThubalethu Community hall luzobe luphethwe uPhindy P.



🌸 WOMEN’S MONTH CELEBRATION🌸Mthonjaneni Local Municipality invites you to join us as we celebrate and honour the strengt...
24/08/2026

🌸 WOMEN’S MONTH CELEBRATION🌸

Mthonjaneni Local Municipality invites you to join us as we celebrate and honour the strength, resilience, achievements and invaluable contributions of women in our communities. 💐

Date: 26 August 2026
Time: 09H00 ekuseni
Venue: Thubalethu Community Hall

Guest Speaker: Dr Nompumelelo Nkosi-Ntombela

Let us come together to celebrate women, inspire one another and reaffirm the importance of knowing our worth and embracing our purpose.

Ubalulekile muntu wesifazane!!!

Luyaqhubeka uhlelo lokulungiswa kwemigwaqo emincane emakhaya.Lusaqhubeka uhlelo lokugugulwa kwemigwaqo emincane engaphan...
18/08/2026

Luyaqhubeka uhlelo lokulungiswa kwemigwaqo emincane emakhaya.

Lusaqhubeka uhlelo lokugugulwa kwemigwaqo emincane engaphansi koMasipala waseMthonjaneni ukuze kulekeleleke umphakathi nezithuthi. Nakuba umshini uke waphazamiseka isikhashana kodwa usubuyele emaWadini njengoba namuhla uqale ku Ward 13 ngaphansi kuka Khansela T.E Mpungose eMathunzi nase Zakhamkhanya nokuyila ozolokhu uqhubeke njalo nokulungisa imigwaqo ebukeka ilimele kakhulu. Nokho sekusele ama Ward amabili kuphela okungu Ward 12 no Ward 1 nokulindeleke kuphele inyanga kaMandulo eseqedwe onke ngaphambi kokuthi kuqalwe phansi uhlelo lokulungiswa lena engenela emakhaya.

🚦 MTHONJANENI MUNICIPALITY DRIVES ROAD SAFETY AWARENESS CAMPAIGN AND REVENUE COLLECTION THROUGH TRAFFIC FINES. Mthonjane...
13/08/2026

🚦 MTHONJANENI MUNICIPALITY DRIVES ROAD SAFETY AWARENESS CAMPAIGN AND REVENUE COLLECTION THROUGH TRAFFIC FINES.

Mthonjaneni Local Municipality is conducting road safety enforcement operations through the enforcement and collection of traffic fines.

The initiative is aimed at promoting compliance with traffic laws, encouraging responsible road use, improving road safety, strengthening revenue collection, and ensuring that residents contribute towards sustainable municipal service delivery.

Members of the public are hereby informed that failure to settle outstanding traffic fines will result in appropriate enforcement action being taken in accordance with applicable laws and regulations.

Pay your traffic fines and play your part in building a financially sustainable Mthonjaneni Municipality.

Address

Symmonds Street
Melmoth
3835

Opening Hours

Monday 07:30 - 16:30
Tuesday 07:30 - 16:30
Wednesday 07:30 - 16:30
Thursday 07:30 - 16:30
Friday 07:30 - 14:00

Telephone

+27726239171

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mthonjaneni Local Municipality posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Mthonjaneni Local Municipality:

Shortcuts

Share