11/06/2026
‼️INHLAZI ISHELWE NGAMANZI KWIZIFIKANAMTHWALO EMKHANYAKUDE ‼️
IZINDABA : KUSALE isithunzi kwizifikanamthwalo ezingenazo izimvume zokuba kuleli zibalekela amaphoyisa ehambisana noMasipala uMkhanyakude. Laba bokufika abanezitolo eNdumo baboshiwe kwaphinde kwavalwa ezinye izitolo zabo ngenxa yokuphula imithithetho yezohwebo.
Nyangazonke uMasipala uMkhanyakude oholwa uMhlonishwa Siphile Mdaka ulekelelwa u-Home Affairs, SAPS, Immigration, Border Management Authority bahola lo mkhankaso obizwa nge “Joint Inspection Of Food Premises, Awareness and Enforcement” ngaphansi kwehhovisi lakwa Environmental Health.
Lona ngumkhankaso lapho kusuke kuhlolwa inhlanzeko nokudla okuthengiswayo ukuthi ngabe kusesimweni esifanele yini ukudayisela umphakathi.
Ziyishumi nane (14) izitolo ezivakashelwe kulela dolobhanyana kanti zimbili ezivalwe thaqa ngokungahambisani nemigomo yezempilo. Okuhlaluke kakhulu wukuthi iningi lalezi zitolo
ziphethwe ngabokufika kanti kazinazo nezimvume zokuhweba (business licences).
Le nqina ibisekelwe nguKhansela Mandla Zungu oyilunga le-Exco noKhansela Sihle Ndlovu ongusihlalo we-Portfolio yakwa-Community Services uMaspala iJozini no-EDTEA.
“Uyabonakala umehluko anje EMkhanyakude”, kusho uCllr Ndlovu ongusihlalo walo Mnyango.