14/07/2026
HOME AFFAIRS TRUCK UPDATE โ๏ธโ๏ธโ๏ธ
IHhovisi likaKhansela namhlanje likwazile ukusiza abantu abangu-82 ngezicelo zama-ID. ๐๐พ
Uma sebethole imiyalezo evela kwa-Home Affairs ebazisa ukuthi ama-ID abo amasha aselungele ukulandwa, iHhovisi likaKhansela lizobasiza bonke mahhala ngokubenzela ama-booking, ukuze bakwazi ukuyolanda ama-ID abo kwa-Home Affairs.
Bekulindeleke ukuthi kusasa, mhla zingama-15 kuJulayi 2026, kube usuku lokusiza bonke abantu abafaka izicelo zama-ID okokuqala. Kodwa ngenxa yokushintsha kwezinhlelo, sizolinda abakwa-Home Affairs basinike olunye usuku esizokwenza ngalo lolu hlelo.
Ngalolo suku sizocela ukuthi kube nama-truck amabili akwa-Home Affairs, ukuze sikwazi ukusiza nokuqeda bonke abantu abazobe bezofaka izicelo zama-ID.
๐ข Usuku olusha sizolumemezela ngokushesha uma seluqinisekisiwe, ukuze wonke umuntu osadinga usizo athole ithuba lokusizakala.
Sidlulisa ukubonga okukhulu kwi-team yakwa-Home Affairs ngokuzikhandla nokuzinikela ekusizeni abantu baseDukuduku. Umsebenzi wanamhlanje size sawuqeda ngo-17h30, okuyinto ekhombisa ngokusobala ukuthi bayawukhathalela umphakathi futhi bazimisele ngokuwusiza. ๐๐พ
Kulabo abangakwazanga ukufaka izicelo zama-ID ngenxa yezinkinga okusamele bazilungise kuqala, sicela bavakashele i-War Room, ebanjwa kanye ngenyanga eHhovisi likaKhansela ngo-09h00 ekuseni.
๐
Usuku lwe-War Room: 12 August 2026
๐ Isikhathi: 09h00 ekuseni
๐ Indawo: IHhovisi likaKhansela
Siyabonga kakhulu ngokubambisana kwenu. Siyazi ukuthi asikakakwazi ukufeza konke, kodwa kancane kancane sizoze sifike nakuwe. ๐ค๐พ
Siphinde sidlulise ukubonga okukhulu kuBaba uMkhize, onikele ngendawo yakhe yesonto ukuze abantu bakithi bakwazi ukusizakala. Siyabonga kakhulu ngomusa nokweseka umphakathi. ๐๐พ
SIYABONGA!
IHhovisi likaKhansela โ Sisebenzela Umphakathi.