Inkosi Mtubatuba Municipality

Inkosi Mtubatuba Municipality Providing all local municipal services.
(1)

ISAZISO ESIBALULEKILE‼️
08/09/2026

ISAZISO ESIBALULEKILE‼️

IMEYA IKHUTHAZE ABEBENIKWA IZITIFIKETI UKUBA BAVUKE BAZITHATHEInjabulo beyibhalwe emehlweni kubafundi abangu-48, abebeyi...
07/09/2026

IMEYA IKHUTHAZE ABEBENIKWA IZITIFIKETI UKUBA BAVUKE BAZITHATHE

Injabulo beyibhalwe emehlweni kubafundi abangu-48, abebeyingxenye yabantu abasha abebefundela izifundo ze-Building and Civil Construction (NQF Level 3). Labafundi babe yingxenye yalolu hlelo oluthathe unyaka wonke, kanti babongelwe uMhlonishwa,uMeya,uCllr. M. Mthethwa wathi lokhu abanikwe khona okuyizitifiketi ngemuva kokufundiswa umsebenzi kumele bakuhloniphe bakwenze kubasebenzele bakwazi nokuzimela.
"Siyanibongela kakhulu ngokuba yingxenye yalolu hlelo. Siyanikhuthaza futhi ukuthi zinganenzi nibe seniyahlala nje nilindele ukuthi niyoze niqashelwe lokhu enikufundele kodwa isikhathi esikusona manje sesifuna ukuthi uthathe noma iluphi uhlobo lomsebenzi oqhamukayo. Ningavumeli futhi ukuthi uma niqhamuka emakhaya eswele nizitshele ukuthi sekungukuphila kwenu lokho impilo ifuna ukulwele ukuya phambili amathuba nokungcono kukufice uvele usendleleni," kusho uMeya.
Okhulume egameni labafundi uThembisile Mthiyane,uthe baswele imilomo yokubonga kumasipala ngethuba abanikwe lona.
"Siyabonga kakhulu kuMeya,uMM nabaphathi bonke. Siyabonga kakhulu ngesinkwa enisiphe sona,sicelela nabanye ukuthi nabo balithole leli thuba ngoba sibaningi singabantu abasha abahleli emakhaya kodwa izitifiketi lesi sibuyisela ithemba kuthina," kusho yena.


07/09/2026
🌟 THE WEEK THAT WAS It was a week of community engagement, culture and accountability for Inkosi uMtubatuba Municipality...
06/09/2026

🌟 THE WEEK THAT WAS

It was a week of community engagement, culture and accountability for Inkosi uMtubatuba Municipality.

📍 Operation Siyaya eMhlangeni was held in Nordale, with UNdlunkulu kaMdolomba in attendance and izintombi nto turning out in large numbers.

📻 Mid-week, the Honourable Mayor had a fruitful conversation with Maputaland Community Radio, speaking about service delivery and the achievements in the current term.

We look forward to a brand-new week filled with more programmes, progress and service delivery.

Respice • Aspice • Prospice

ISIMEMEZELO ESIBALULEKILE‼️
04/09/2026

ISIMEMEZELO ESIBALULEKILE‼️

Abesimo sezulu iSouth African Weather Services (Saws), sebekhiphe isixwayiso ngomoya oshisayo ohambisana nomoya omningi....
03/09/2026

Abesimo sezulu iSouth African Weather Services (Saws), sebekhiphe isixwayiso ngomoya oshisayo ohambisana nomoya omningi. UMhlonishwa,uMeya, uCllr. M. Mthethwa unxusa izakhamizi zaseNkosi uMtubatuba ukuba ziqaphele, zixhumane nabezimo eziphuthumayo uma kuqubuka umoya wequbula kulenamba ethi: 0635020917



02/09/2026
UMhlonishwa,uMeya, uCllr M. Mthethwa ehambele isiteshi somphakathi iMaputaland Community Radio, eJozini,lapho ekhulume k...
02/09/2026

UMhlonishwa,uMeya, uCllr M. Mthethwa ehambele isiteshi somphakathi iMaputaland Community Radio, eJozini,lapho ekhulume khona ngezinhlelo ezahlukene kanjalo nama-projekthi ahlukene asemawadini akulomasipala. Uveze ukuthi kungekudala nje kunemisebenzi (projects)eseyiphothuliwe ezonikezelwa ngokusemthethweni emiphakathini.



Address

Mtubatuba Town
Mtubatuba
3935

Opening Hours

Monday 07:30 - 16:30
Tuesday 07:30 - 16:30
Wednesday 07:30 - 16:30
Thursday 07:30 - 16:30
Friday 07:30 - 16:30

Telephone

+27355500069

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Inkosi Mtubatuba Municipality posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Inkosi Mtubatuba Municipality:

Shortcuts

Share