16/06/2021
Kungumsebenzi wethu thina esesike sabona ukuthi sikhombise noma senze laba abangakaboni ukuthi nabo babone. Abantu abadala namhlanje babebasha nabo phambilini, bayazazi ezinye zezinto noma izonselelo eziye zibhekane nabantu abasha ezimpilweni zabo bekhula. Singeke saliphikisa iqiniso elithi izikhathi esiphila kuzo azifani, kodwa lisamile naleli elithi indlela ibuzwa kwabaphambili. Namhlanje siphila ngaphansi kuka hulumeni we Ntando yeningi, nakuba singakafiki lapho esifisa ukufika khona ngenkululeko kodwa indlela esikuyo manje iyona le ebheke enkululekweni, akumele ke sithi ngoba sesisendleleni ebheke enkululekweni, bese sihlala nje sisonga izandla sithi uNkulunkulu uyobona, asilekelelane omdala nomncane ukuze lo omdala ephile impilo yakhe yobudala ebe azi kodwa ukuthi noma engahamba emhlabeni kodwa ngeke life izwe. Abantu abasha ababukele kokuhle okwenziwa abadala babo, befunde emaphutheni abawenzayo ukuze bengabe besawaphinda bona kodwa balungise lapho okonakala khona.
Asiphinde ke futhi sibakhumbuze abantu abasha ukuthi lenkululeko ayizange ifike ngesoso nje yabekwa phezu kwetafula kwathiwa asikhululeke manje, kodwa kwazabalazwa, kwachitheka igazi, kwasala izoshosha nezintandane, kulwelwa yona lenkululeko, ngakho ke asingadlali ngayo, asingayixhaphazi, asiyiphathise okwezikhali zaMaNtungwa ukuze siyedlulisele nasezizukulwaneni ezizayo.
Asingabungazi usuku lwabantu abasha ngokuphuza utshwala, sisebenzise kabi izidakamizwa, senze izenzo ezimbi esizozisola ngazo kusasa, asilubungaze ngokwenza kahle, thina singuKhongolose eNkandla namaphethelo, sifisa ukubona abantu abasha abachachambileyo, abanekusasa eliqhakazile ngoba siyazi ukuthi inkunzi isematholeni.
Siyafisa ke futhi ukukhumbuza abantu bonke ikakhulukazi abasha ukuthi bengakhohlwa ukuthi inkululeko yabo ayikakapheleli uma kusekhona izinga likahulumeni lapho kungaphethwe khona kahle, ukwenza ukuthi kuphathwe kahle kuwo wonke amazinga kahulumeni, kumele siphume sonke ngomhlaka 27 October 2021, sovota ANC.