14/06/2026
Ifukula intsha i-One Stop Shop yoMzinyathi Development Agency
BANGENA bengenile abantu abasha abafuna ukuvula amabhizinisi abo kwisikhungo esisanda kuvulwa eMzinyathi, i-One Stop Shop yoMzinyathi Development Agency engaphansi kwaMasipala uMzinyathi. Kule One Stop Shop evulwe ngenyanga edlule, ungena kuyo ubhalise ibhizinisi, udlulele komunye umnyango ubhalisele uSars , udlulele komunye umnyango uvule i-account yebhizinisi ,udlulele komunye umnyango ucele uxhaso lokukhulisa ibhizinisi lakho.
Iminyango ekhona yakwaCIPC ,Sars, Ithala, KZN growth Fund Agency, Labour, Food Safety Agency.
Intsha nabantu abanothondo lokuvula amabhizinisi bathi kuphelile ukuhlupheka kubona ngoba bekuphela amasonto behla benyuka befuna lezi zinsiza. Evula lesi sikhungo uMeya woMzinyathi uKhansela Thembisile Mchunu wakuveza ukuthi lesi sikhungo ngesoMzinyathi wonke, siyisixazululo osizini obelubhekene nabantu uma befuna ukungena emabhizinisini.
"I-Agency yoMzinyathi le One Stop Shop ekuyo seyisize abaningi baba namabhizinisi. Kukhona abakha amabhala, abakha izinsipho, abakha ama-yoghurt nabenza izitini nokufuya izinkukhu. Intsha siyayinakekela ngakho ayisisebenzise lesi sikhungo singesabo usizo lutholakala mahhala ," kubeka uMeya.
I-One Stop Shop ivulwa ngo:7: 30am ivale ngo-4pm zonke izinsuku ngaphandle koMgqibelo neSonto. IseDundee edolobheni eduze kwase-Absa Bank.