30/03/2025
ISAZISO SOMPHAKATHI
30 MASHI 2025
ISEXWAYISO SESIMO SEZULU SANGESONTO
Kunxuswa umphakathi ukuba uqaphele isexwayiso sezulu esikhishwe yiSouth African Weather Services (SAWS) sanamuhla ngeSonto, ngomhla ka-30 Mashi.
Lesi sibikezelo sezulu sikhomba ukuthi kuzoba nemvula enamandla ehambisana nokuduma elindeleke iKwaZulu-Natali yonkana, okubalwa neTheku, ezoqala namuhla, kuya phakathi kwamabili.
Le mvula enamandla engase iholele ekutheni kube nezikhukhula kulindeleke ukuthi iphelezelwe wumoya ongadala umonakalo, umbani, nesichotho.
Isibikezelo sezulu sikhombisa ukuthi kunamathuba amakhulu ezimvula ezinamandla ezindaweni eziningi zesifundazwe lapho kungalindelwa khona ukuthi le mvula ibe nomthelela omkhulu.
Le mvula ingase iholele ekutheni imigwaqo nezindawo zokuhlala zigcwale amanzi, ikakhulukazi ezindaweni eziphansi.
Lesi simo sezulu singenza nokuthi kushayeleke kanzima emigwaqweni, kulimale ingqalasizinda, izimoto, nabantu, kuphazamiseke ugesi ngenxa yombani omkhulu, kuphinde kucekeleke phansi izindlu zodaka.
Kunxuswa abashayeli ukuba bashayele ngokucophelela, bagcine ibanga eliphephile phakathi kwezimoto uma beshayela emigwaqweni emanzi.
Abashayeli belulekwa ngokuthi bagweme ukuhamba, ikakhulukazi emabhulohweni, njengoba kungenzeka kube nezikhukhula ezingadala ukuthi kugubheke imigodi emigwaqweni.
UPhiko lweziNhlekelele lukaMasipala neminye iminyango ebhekelele izimo eziphuthumayo basiqaphile lesi simo futhi bami ngomumo ukubhekana naso.
Umphakathi ukhuthazwa ukuba ulalele imisakazo futhi ulandele nezinkundla zokuxhumana ukuze uthole lonke ulwazi ngokwenzekayo.
UMasipala weluleka izakhamizi ukuba ziqaphele futhi zihlale ezindlini.
Umphakathi uyakhunjuzwa nokuthi ungazami ukuwela imifula nemihosha.
Izakhamizi zinxuswa ukuba zigweme ukusebenzisa impahla exhunywe kugesi njengamakhompyutha, ama-laptop njalo njalo.
Umphakathi ungaxhumana nesikhungo sezinhlekelele sikaMasipala ku-031 361 0000 uma kunezimo eziphuthumayo.