02/07/2026
Zivulekile izindlela zokuthuthukiswa kosoMabhizinisi abasafufusa, ngaphansi koMkhandlu wasoPhongolo. Lokhu kuza emva kokuba uMhlonishwa uMeya, uCllr BJ Thwala, egixabeze ngezinsiza kusebenza kosoMabhizinisi abalishumi nambili (12), namuhla, eDolobheni, lasoPhongolo. Lolu-hlelo olubizwa ngo-Mnotho Fund, nobelaziwa ngokuthi, (i-Operation Vula Fund), nokunguhlelo lokuxhasa osoMabhizinisi, oluqalwe nguMnyango Wezokuthuthukiswa koMnotho, Ezokuvakasha kanye neZemvelo, ngaphansi kobuholi bukaMfundisi Musa Zondi. Inhloso yakho konke lokhu, ukuqinisekisa ukwesekwa ngokwanele ekusungulweni, kanjalo nasekuthuthukisweni kwamabhizinisi asafufusa, nazinzile afaka phakathi ama-SMMEs, kanye nama-Co-Operatives.
Kulo-mhlangano UMhlonishwa uMeya ubonge UNgqongqoshe ngokuxhasa labo somabhizinisi abekade befake izicelo zokuthuthukiswa kwamabhizinisi abo eMnyangweni, ngenhloso yokuxosha ikati eziko, kanjalo nokwakha amathuba emisebenzi. Kweminye yemihlomulo etholwe yilabo soMabhizinisi abasafufusa kubalwa; izinkukhu zamaqanda, amachwane, umgqakazo, imijovo, ama-antibiotics, amalambu akhanyisela izinkukhu phecelezi (infrared globes), amahhuka ama globes (globe holders), kanye nokudla kwezingulube. Lolu-hlelo lwenzeka-nje UNgqongqoshe uZondi, ubekade enikezela ngezindimbane zezinsiza kusebenza kwabanye oSomabhizinisi basoPhongolo, ngeviki eledlule, endaweni yaso-Godlwayo. Khona manjalo, uMeya wazise labo somabhizinisi ukuthi, uMnyango wakhe uvule izandla kulabo abanentshisekelo yokufaka izicelo, ikakhulukazi ama Co-operatives, kanye nabanye osomabhizinisi abasafufusa abanesifiso sokuqala amabhizinisi abo.
.
EDTEA KZN
Mayor's Speech link: https://vt.tiktok.com/ZSCxyyqTy/