Our South Coast

Our South Coast The purpose of this page is to showcase the diverse regions of the South Coast, highlighting its unique attractions, natural beauty, and cultural experiences.

Visitors can explore various activities, landscapes, and local communities.

Mhla ngibizwa phambili emthandazweni ngenxa yokuthi ngihlekile inkulumo yathisha omkhulu eMdlangaswa High School Ngaleli...
07/08/2026

Mhla ngibizwa phambili emthandazweni ngenxa yokuthi ngihlekile inkulumo yathisha omkhulu eMdlangaswa High School

Ngaleliyalanga kwakuwusuku lamacala uthisha omkhulu ebiza bonke abenzi bobubi, kwakusabizwe ababhema insangu kanye nabavula opotsho ababekhona ocingweni lesikole, uBhedle kwakuthiwa uyena opatha impintshisi.

Angisakhumbuli ukuthi uthisha omkhulu wayekhuluma ngani kulokhu okwangiqhatha naye but ngavele ngahleka kakhulu kanti ngimude uyangibona, wathi yewena mfana ohlekayo woza la, zaphenduka zonke izingane nami ngavele ngaphenduka ngabheka emumva🤭😂

Wathi ngisho lowa mfana omude ongale kwakho mkhize(esho ku-Muzi Mkhize) ey ngasho ngathi weeee kwangibhedela laphoke ngangingazwani namehlo abantu😩 ey ngancenga kancane ngiya phambili ngiya koma nabantu bensangu nabapotsho, kwaqhutshekwa kwabizwa abanye kwaze kwaqedwa zahlakazeka izingane thina saya kongena e-office.

Uma sifika kuthisha omkhulu athi angihambe mina uzobuye angibize ngasho ngaphakathi enhliziyweni ngathi hhaw walahla thishomkhulu ngoba ngeke ngisabuya mina kepha sengiyolinda wena uze ufike uzongilanda eclassin,wake wafika? Lutho 😂

Kodwake u-Cele kwakuwuvala wathisha omkhulu lowa. Ehlekisa ethandeka futhi, laphoke uthole ukuthi yena ukhuluma userious kodwa inkulumo kithina iyahlekisa.

Ngisazonixoxela ngendaba mhla sishanela bonke ovrandi besikole singathunywanga.

Nithi kwenzekeni lapho eMargate eDown Town? 👂
07/08/2026

Nithi kwenzekeni lapho eMargate eDown Town? 👂

Osindisweni CrecheUbaba walapha kulomuzi ongaphezulu phambi kwase-creche ngo-2015 wake wangixoxela ukuthi wake wazithola...
07/08/2026

Osindisweni Creche

Ubaba walapha kulomuzi ongaphezulu phambi kwase-creche ngo-2015 wake wangixoxela ukuthi wake wazithola esenkingeni eBhuqu ngaka-Thula(Owayaziwa ngokugunda).

Uthi wayezibuyela kodla amanzi amponjwana ephethe ibhodlela lesmirnoff eselivuliwe laphuzwa kancane ehamba eshaya usikilidi.

Uma sezofika emfuleni abone kunendoda emlandelayo(ithulile ayikhulumi lutho), Bahambe ibangana bese icela ugwayi(avele ayizibe) bahambe elinye ibangana iphinde icele ugologo wakhe, Aphendule athi "wendoda ngalesikhathi wena bowuhleli uhlalele ukuthi kuzoqhamuka mina bese ucela ukuphuziswa imina, lapho uphendula ngokukhulu ukubhampa😁), Uthi aqhubeke nokuhamba baze bafike emhosheni emvakwalokho kwaqala kwacima izibani, Uma eyibheka lendoda useyibukela phezulu and akasasiboni isingezansi sayo.

Uthi wazama ukucinga indlela ukuze aphume emfuleni ngoba kumnyama wagcina ebona ukuthi wukudlala lokhu akuzamayo, wabuza kulendoda "yendoda kanti uwubani wena?" Yaphendula indoda yathi "Khululeka kuyosa sesazana", waphendula naye wathi "Kuzoze kuse sesazana nje mina ngizobe ngihlaleleni la kuze kuse?" Yathula nya yangamphendula kwaphinda kwacima izibani.

Into eyayenzeka ingqondo yayihamba iphinde ibuye nokwakwenza abone ukuthi umamaphi ngoba wabona ukuth ungaka-Thula, wamemeza khona(vele bamjwayele) baphuma bezomlanda wasinda kanjalo kwispoki.

Ngelinye ilanga ngizonixoxela ngendaba mhla esinda ebhasini lezipoki ekuzeni kokusa eMtshinga(wayephume hefore 02:00 AM eya emsebenzini ezitshela ukuthi sekusile🤭

07/08/2026

Big shout out to my new rising fans! Divah Zondo, Mzwa Andile Msuthu Nyendlni, SeNzo Mavundla, Xö Lã, Smanga Gwebu, Thabiso Ngaleka, Paul Ntja, ZV Dumakude, Mzwaii Nkosi, Octavia Golden, Asanda Q Cele, Gugu Myeni, Mlndo KAveli, Vuccyjerome Khanyi, Smonyo Eskazwelonke, Zoleka Xolo, Juvênçio Sebastião Manhique, David Ngeleka, Melokuhle Kuhle, Sli Slie, Thembelihle Donga, Noxolo Ndovela, Nokuthula Dakane, Zakhele Mkhize, Luyandiswa Mkhungo, Wenzile Mepho

07/08/2026

Gcilima clinic
Gcilima community hall
Phathwa High School
Gcilima Primary School
Le yindawo ebizwa nge-Gcilima esemazansi nogu lakwa-Zulu Natal, Ingenye yezindawo ezinomhlabathi onothile imizi eminingi inezihlahla zezithelo njengobanana,mangwe,kwatapeya....uBhanana yiwona omuningi kakhulu ngalendlela yokuthi kuyathusa ukubona umuzi ungenaso nesisodwa isihlahla sabhanana.

Lendawo igama layo like lasabalala ngenxa yokuthi omunye wababhali bezincwadi ezifundwa ezikoleni ebhala incwadi equkethe indaba ewuchungechunge enesihloko esibizwa ngokuthi Bengithi lizokuna nokuyilapho sithola kukhulunywa khona ngo-Ngidi onomuzi eGcilima.

Lendawo ikude buduze nezindawo zomacaphuna kusale ezigudle ulwandle ngibala wena Trafalgar,South Broom and Ramsgate kanti idolobha abalisebenzisayo iMargate

Ngiqeda kuyifaka manje ngale ku-tik tok nakhona ingene kanzima ngoba asinagesi kusukela izolo so inetwork iyabheda(ngimi...
07/08/2026

Ngiqeda kuyifaka manje ngale ku-tik tok nakhona ingene kanzima ngoba asinagesi kusukela izolo so inetwork iyabheda(ngimi ngaphandle kwe-gate), la ngizoyifaka if konke seku-right but nayi ilink kuma-comment yale engiyifake ngale ku-tik tok

South CoastBetaniaLesithombe ngasishutha laphaya ngasegroundini eBha mhlaka 16 June ngenkathi kwakunemidlalo yentsha eya...
07/08/2026

South Coast
Betania

Lesithombe ngasishutha laphaya ngasegroundini eBha mhlaka 16 June ngenkathi kwakunemidlalo yentsha eyayibanjelwe khona egroundin.

Laphaya phezulu kuvela iZwelihle primary school ekuyiyo ephakela Ingwemabala Comprehensive High School.

06/08/2026

Abafuna ukuthenga amafoni bangabheka okubafanele la

Mpisi_iplug

06/08/2026

Ave nishesha ukukhohlwa

Niyakhumbula kushubile laphaya etaxi rank yase-Port Shepstone?

Kwabayazi njengoba seyine-mall lendawo kwakunjenake kudala,la kulabantu abame ekugcineni kwakuma ama-taxi aka-Madlala kulayini wase-Mdlangaswa kanti mawunyukela phezulu ekuqaleni kwama-shelter kwakuqala uMadlala ongapheshela kulayini wase-Sozabe bese emvakwawo kume awaso-Shabeni.

Nakuya e-Chester laphaya ezansi

Emahoreni amubalwa adlule kube nengozi embi laphaya eMpenjathi, itaxi ebeyiya kwa-Nzimakwe eBreamer ishayisane nenye imo...
05/08/2026

Emahoreni amubalwa adlule kube nengozi embi laphaya eMpenjathi, itaxi ebeyiya kwa-Nzimakwe eBreamer ishayisane nenye imoto,umubiko ongenayo uthi babili abashonile kanti abalimele baphuthunyiswe eGamalakhe community health centre.

Sibafisela ukululama okuphuthumayo abalimele kanti sithi dudu emindenini yabadlulile.

Isithombe lesi yiso esizomane sisisebenzisa uma kuvela imibiko ekanje

Address

Port Shepstone

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Our South Coast posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share