Isizulu siyaziqhenya ngaso

Isizulu siyaziqhenya ngaso Uma uzophosa iso lakho kuleli khasi usenhlanhleni enkulu yokuphumelela ngamalengiso.

Siyasizana ngolimi lwethu lwebele lwesizulu.....uyafunda noma awufundi sizok'siza

Nina beZulu eliphezulu!Ubhoqo ilesi sihlahla, usithola ezindaweni ezivundile. Uma sikhula siba nezimbali eziba nkulu ziv...
09/09/2026

Nina beZulu eliphezulu!

Ubhoqo ilesi sihlahla, usithola ezindaweni ezivundile. Uma sikhula siba nezimbali eziba nkulu zivuleke. Uma uthi umtshela kwezikabhoqo usuke ufanisa izindlebe nalezi zimbali zikabhoqo ngoba zivulekile zakuzwa konke obumutshela khona. Usuke umtshele wezwa impela.

Ngimtshele ezikabhoqo❌️
Ngimtshele kwezikabhoqo✅️

24/08/2026

Yini isikhekhelembane?

16/08/2026

Kwesikabhadakazi (Phakathi kwamabili ebusuku)

Ubhadakazi ususelwa ekubhadameni okungukuthi ubambe umuntu engazelele ethi yena akabonwa kanti kukhona ozombona. Isikhathi lesi okubhadanywa ngaso abathakathi abasuke bethatha ngokuthi bonke abantu balele kanti hleze kube khona umuntu oxakwa isisu ngaleso sikhathi aphaphame athi uyozikhulula phandle ezithele phezu komthakathi enza izinto bese sithi, "Ubhadame umthakathi."

__________________

Ukuchazwa Kwagama:

Bhadama (Elamela umuntu enza into engafanele; f**a umuntu engalindele.)

Isizulu siyaziqhenya ngaso

Feleba Phakathwayo

Umkhongi WempumeleloIsizulu siyaziqhenya ngasoFeleba
12/08/2026

Umkhongi Wempumelelo

Isizulu siyaziqhenya ngaso

Feleba

06/08/2026

Izibongo yinkondlo yokutusa. Kungaba yinkondlo emfishanyana nje, imvama eyimigqa emibili echaza ubunjalo balowo obongwayo. Nxa imfishane kanjalo ngesilungu sithi yi-praise name. Singalinganisa nje ngensizwa ende ngethambo. Izonele isukume igiye esibayeni noma odwendweni bese ziyihasha zithi:
'Ntamb' ende kalayini'

Uma impofu ngebala uzozwa ziyihasha zithi:

'Nkuz' ebomvu neshoba layo.'

Uma kukhona okunye laba bantu asebekwenzile emphakathini nakho kuzophawuleka kwelulwe lezi zibongo ezichaza ngobunjalo kuphela. Kokunye sekungagcina sekuyinkondlo ende nje bo (praise-poem)!

- CT Msimang (7-8: 1992)

Isizulu siyaziqhenya ngaso

03/08/2026

Umtshingo awukwazi ukuzibetha kodwa udinga umuntu wokuwubetha awufuthe ukuze ukhiphe umsindo omnandi. Uma engekho ozowubetha akwaziwa nokuthi ukhona umtshingo lowo.

Lesi sisho sisetshenziswa lapho kukhalelwa umuntu ukuthi ngabe ngubani ozomsiza lapho esebhekene nobunzima.

'Ukuba ngumtshingo ubethwa ngubani'

Isizulu siyaziqhenya ngaso

19/07/2026

Isaga:

Aphelile agambaqa (Aphelile amazwi)

Yini agambaqa? Kuphela amandla nawokukhuluma. Ugambaqa indlela yokukhuluma egcizelela isenzo sokuphelelwa amandla.

Uma umuntu engesenawo amazwi okuziphendulela empikiswaneni esuke ikhona esekhulume kwaze kwaphela wona.

Lesi saga sithi nobuciko bamazwi nabo buyaphela kumuntu.

---------------------

Ukuchazwa Kwegama:

Gambaqa (Ukugwinya ngamathamo amakhulu ugwinye amanzi noma okusamanzi okuningi ukugwinye ngokushesha)

27/06/2026

Izinkolotsha

Ezinkambini zikaFaro
Sicwila ukudlula oBaba bethu.
Ukungena ekhaya sekumpondo zankomo
Sekwaba insakavukela umchilo wesidwaba,
Lempilo ngiyayesaba!

Ngibona izinhliziyo ezophayo,
Kuleyo mizimba yezinkolotsha egqashiya ngomfutho,
Yilowo nalowo unomthwalo omsindayo,
Omholela ebhodlela-sitolo,
Umhudulele kwezokucima ukoma.

Imikhuleko kayisafinyeleli kuwe Somandla,
Nakhu ozakwethu beziphuca impilo
Umzuzu nehora kungakafiki!
Uma imithandazo ifinyelela kungani ungaphenduli?

Hlambulula iThempeli lakho Somandla
Usiphe amandla sigqashule ozankosi bokunkolotsha!
Impelaviki seyaphenduka impelantsha!
Ileyo naleyo iphela nomunye wethu!
Sizwe nalapho sikhala simoyizela!
Sikhulule kulezi zibopho,
Esazenza ngokungenhloso!

Umbhali: Kwanele M. Ndlovu

Umhleli: Nhlakanipho Gumede (Feleba Phakathwayo)

Isizulu siyaziqhenya ngaso

17/05/2026

Ukusibonda sibe sinye

22/04/2026

Isoco

Address

Richards Bay
3900

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Isizulu siyaziqhenya ngaso posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Isizulu siyaziqhenya ngaso:

Shortcuts

Share

Category