KZN Online Network

KZN Online Network A News Social Media TV that focuses on KZN stories, entertainment and reality

Kuzokwenziwa ngabo isifundo ababulale Umnikazi WeTuck Shop kuhlaselwa Esitolo Sakhe eNquthuKubikwa ukuthi uZumur Kormoka...
03/06/2026

Kuzokwenziwa ngabo isifundo ababulale Umnikazi WeTuck Shop kuhlaselwa Esitolo Sakhe eNquthu

Kubikwa ukuthi uZumur Kormokar (40) ubulawe ngesihluku ngesikhathi kuhlaselwa isitolo sakhe eNquthu, KwaZulu-Natal.

Ngokwemibiko etholakele, kusolwa ukuthi kungene abantu esitolo sakhe befuna imali nezinye izinto ezazikhona ngaphakathi. Kuthiwa ngesikhathi kuqhubeka lesi sigameko, abasolwa babe sebemhlasela, wamane washonela khona ngenxa yokulimala kanzima.

Umphakathi uzwakalise ukudabuka nokukhathazeka ngalesi senzo sobugebengu, unxusa amaphoyisa ukuba asheshe abophe abasolwa futhi aqinise ukuphepha ezindaweni zamabhizinisi.

Constable Thato Sandile Zwane uboshelwe ukuntshontsha izinto zikazakwabo e Police Station eGoli. Kuthiwa owesifazane oyi...
03/06/2026

Constable Thato Sandile Zwane uboshelwe ukuntshontsha izinto zikazakwabo e Police Station eGoli.

Kuthiwa owesifazane oyiphoyisa wabona i locker yakhe igqekeziwe, kuntshontshwe iwashi lakhe, ama bulletproof vests awu 3, ozankosi, 2 holsters, pepper sprays and magazine pouches. Kwathi uma kubhekwa ama camera kwabonakala u Zwane ephethe lezinto. Uze watholwa ecashe kwi basement e Police Station, kuthiwa futhi kanti agcina emsebenzini. Uhluleke nokuphendula uma ebuzwa ukuthi ufunani la.

Kushone owesifazane kwalimala abaningi ngenkathi kushayisana izimoto neSide Tipper truck kuN3 ngase Marianhill Toll Plaz...
03/06/2026

Kushone owesifazane kwalimala abaningi ngenkathi kushayisana izimoto neSide Tipper truck kuN3 ngase Marianhill Toll Plaza eduze kwe Shongweni off-ramp, west of Durban. Kusholwa kuthi umshayeli weTruck uhlulwe ukuyilawula kwadaleka lengozi enkulu kanje.

03/06/2026

Browns Farm, Philippi, Cape Town. Kushone abantu abawu 4 kwalimala abawu 2 💔

Amalungu  eReaction Unit South Africa (RUSA) abophe umsolwa obefunwa ngamacala amaningi endaweni yaseTrenance Park, KwaZ...
02/06/2026

Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) abophe umsolwa obefunwa ngamacala amaningi endaweni yaseTrenance Park, KwaZulu-Natal, kulandela ukuthola ulwazi oluthunyelwe ngomthombo wokwaziswa (tip-off).

Lo msolwa uvele wabonakala ku-video ye-CCTV eyasakazwa ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko, lapho abonakala engena emzini wendawo entshontsha izinto ezibalulekile. Ngemuva kokusabalala kwale video, izakhamuzi ezahlukene zibike ukuthi lo muntu kungenzeka ukuthi ubesenezigameko ezifanayo zokugqekeza kwamanye amakhaya.

NgoLwesibili ekuseni,02 June 2026 abakwaRUSA baye emzini othile e-Amouti, KwaZulu-Natal, nokuyilapho umsolwa atholakale khona elele waboshwa khona lapho.

Umsolwa kamuva ukhombwe ngokusemthethweni yisisulu kanye nobufakazi be-CCTV, okuqinisekise ukuthi nguyena obefunwa.

Ube esedluliselwa ezandleni zamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

02/06/2026

Kuthiwa abokufika abangenamaphepha sebeqalile ukungenisa izibhamu ngokungemvume lezweni laseMzansi. Kungaba yiqiniso yini leli if kuyilona ziyaphi ngoba mhlaka 30 June 2026 kuzobe kunemashi enokuthula engenalo udlame futhi nempahla angeke icekelwe phansi.

Amaphoyisa KwaZulu-Natal asexwayise abantu ukuthi benga post or share ama message ku social media angagqugquzela udlame ...
02/06/2026

Amaphoyisa KwaZulu-Natal asexwayise abantu ukuthi benga post or share ama message ku social media angagqugquzela udlame noma ukucekelwa phansi kwempahla.

Bathi nakuba iningi lamaMashi abe nokuthula, kodwa bathi bakhathazekile ngemibiko ethile nemiyalezo esabalaliswa ezinkundleni zokuxhumana engase ivuse udlame nokuphulwa komthetho.

Yabona kodwa izintatheli zingakuqhatha nomndeni kanye nomphakathi. Department ifike ikhiphe i contract ka R1 billion wen...
02/06/2026

Yabona kodwa izintatheli zingakuqhatha nomndeni kanye nomphakathi. Department ifike ikhiphe i contract ka R1 billion wena kuleyo contract uthole umsebenzi ka R2 million ngomkhoshosho, mase ezindabeni kubhalwe kuthiwe usbani bani uthinteka enkohlakalweni ye tender ka R1 billion.

Manje sekubukeka ngathi udle u R1 billion kanti wena uzihlafunele u R2 million 😂😂😂😂

02/06/2026

Mkhwanazi ngathi uzoshesha asondele la.

Nalu uhlu lwezi nkampani eziphethwe uJohann Rupert oneminyaka ewu76 ubudala. Zonke lezinkampani zihholela kakhulu futhi ...
02/06/2026

Nalu uhlu lwezi nkampani eziphethwe uJohann Rupert oneminyaka ewu76 ubudala. Zonke lezinkampani zihholela kakhulu futhi okusho kona kuthi yena wenza mali eningi kakhulu. Abanye bathi iSouth Africa eyakhe kwazise unama shares amaningi kuzona zonke.

Address

1000
Richmond
4001

Telephone

+27840695257

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when KZN Online Network posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share